U-HANDRE Pollard ngomunye wabadlali okubhekwe ukuthi basize amaBhokobhoko aziphindiselele kwi-Australia koweRugby Championship ngoMgqibelo.
Image: BACKPAGEPIX
ULINDELE ukuthi iqembu lidlale uhlobo lombhoxo olulilethele impumelelo eminyakeni edlule njengoba lizophinde libhekane ne-Australia koweRugby Championship umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
La maqembu azotholana phezulu eDHL Cape Town Stadium ngoMgqibelo ngo-5.10 ntambama. AmaBhokobhoko ahlose ukubuyisa izinduku ngemuva kokuhlulwa amaWallabies ngo 38-22 e-Ellis Park Stadium, eGoli, ngoMgqibelo odlule.
U-Erasmus wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini eliqale umdlalo wokuqala ngethemba lokuthi bazokwazi ukulungisa amaphutha aholele ekutheni babuye belambatha emdlalweni wokuqala.
“Sijabulile ngalesi sikwati futhi sonke siyavumelana ngokumele sikwenze ukuze siphakamise izinga kuleli sonto. I-Australia ikhombisile ukuthi ingakwazi ukulwa kuze kube sekugcineni ngakho-ke sidinga ukuzinikela ngokuphelele umdlalo uze uyophela kule mpelasonto,” kusho u-Erasmus.
“Lo mdlalo ubalulekile ukuze sibuyise ithemba lokwenza kahle kulo mqhudelwano. Sonke siyabona ukuthi akufanele senze amaphutha esiwenze ngesonto eledlule.”
U-Erasmus uqhube wathi uhlobo lombhoxo abaludlale e-Ellis Park alubasebenzelanga njengoba amaWallabies engakhathalanga kodwa enyukelwe ukuzethemba ngesikhathi umdlalo uqhubeka.
Kubadlali okubhekwe ukuthi babuyisele amaBhokobhoko kulayini kukhona omakadebona uFranco Mostert, RG Snyman noWillie Le Roux, isethenjwa esingalibheki ipali uHandre Pollard nabanye.
"Sibona kufanele senze izinto esijwayele ukuzenza kahle kulo mdlalo. Besicabanga ukuthi ukugijima yonke indawo kuzoyiqeda amandla i-Australia eGoli kodwa kwangahamba kanjalo, sazidida thina. Badlale ngendlela enokukhalipha," uqhube kanje u-Erasmus.
“Ukuba nabadlali abayisithupha baphambili nabababili basemuva ebhentshini kukhombisa ukuthi sizimisele ukusebenza kanzima kulo mdlalo, hhayi ukugijima nje. Ngicabanga ukuthi isimo sezulu naso ngeke sisivumele ukuthi sivele sigijime nebhola.”
INew Zealand iyona eqhwakele kwi-log yeRugby Championship ngamaphuzu amahlanu, kulandele i-Australia ngamaphuzu alinganayo. AmaBhokobhoko ne-Argentina basaneqanda.
Ama-All Blacks ne-Argentina bazophinde batholane phezulu eJose Amalfitani Stadium, eBuenos Aires, e-Argentina, ngoMgqibelo ngo-11.10 ebusuku.
IPumas nayo inenselelo yokubuyisa izinduku kuma-All Blacks kulandela isibhaxu sika 41-24 esithole emdlalweni wokuqala.
Related Topics: