Ezemidlalo Ibhola

UConrad ukhuthazwa wukuthuthuka kwamaProteas

Xolile Mpisane|Published

UMSHWIBI wamaProteas, uLungi Ngidi, ejabulela iwikhethi nozakwabo uTristan Stubbs noKwena Maphaka.

Image: BACKPAGEPIX

UGCULISEKILE ngendlela iqembu elithuthuka ngayo yize linqotshwe yi-Australia ochungechungeni lwe-T20 umqeqeshi wamaProteas, uShukri Conrad.

La maqembu angene kulo mdlalo obuseCazalys Stadium, eCairns, ebambene ngo 1-1, i-Australia yanqoba umdlalo wokugcina ngamawikhethi amabili sekusele ibhola elilodwa.

UConrad uthe bekungenzeka noma yini kulo mdlalo, wancoma abadlali bakhe ngokulwa kuze kube sekugcineni.

“Siphoxekile ngoba emasontweni ambalwa edlule sidlale neNew Zealand kowamanqamu eZimbabwe, kwala kancane ukuthi siwunqobe umdlalo, njengoba kuphinde kwenzeka kulo mdlalo wokugcina ne-Australia,” kusho uConrad.

“Ngaphandle kwalokho, ngijabule kakhulu ngendlela iqembu elikhula ngayo. Uyababona abafana abebedlala, nalaba abakade behlabe ikhefu okusamele babuyele ezingeni labo. Sinemidlalo engu-14 ye-T20 esisazoyidlala ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ngakho-ke izinto zihamba kahle futhi sizoqhubeka nokwakhela phezu kwalokho.”

AmaProteas ne-Australia sebezodlala uchungechunge lwemidlalo emithathu ye-One Day International (ODI) oluzoqala kusasa ngo-6.30am eCazalys Stadium.

UConrad uthe akaboni ukuthi kuningi okumele kushintshwe yiqembu ngaphandle kokuthi kunabadlali abazojoyina iqembu okubalwa kubona ukaputeni uTemba Bavuma.

"Angicabangi ukuthi kunokuningi esidinga ukukushintsha emiqondweni. Ngicabanga ukuthi wuhlobo lwekhilikithi olusondelene kakhulu. Sinabadlali abebengeyona ingxenye yemidlalo ye-T20 asebeqalile ukwenza amalungiselelo abo njengoTemba (Bavuma), Wiaan (Mulder) noKeshav (Maharaj)," kusho uConrad.

"Akumele sishintshe okuningi kodwa kuma-ODI unama-over amaningi nesikhathi esithe xaxa sokuthola ama-run nokuthola amawikhethi. Ngaphandle kwalokho, indlela odlala ngayo ayishintshi kakhulu uma usuka kuma-T20 uya kuma-ODI."

Umshwibi wamaProteas, uLungi Ngidi, uhlanganise imidlalo engu-50 ye-T20 eqenjini lesizwe kulolu chungechunge abebeludlala ne-Australia.