UMQEQESHI we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.
Image: BACKPAGEPIX
UJATSHULISWE yindlela iqembu lakhe elivuke ngayo emaqandeni esiwombeni sesibili ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
La maqembu abetholene phezulu emlenzeni wokuqala wowandulela owamanqamu weMTN8 e-Orlando Stadium, kwangekho elivuma ukugoba uphondo.
AmaSandawana ahambe phambili ngegoli elingqofelwe enethini nguTeboho Mokoena maphakathi nesiwombe sokuqala, kwathi sekuyophela esesibili uKamogelo Sebelebele washayela Ezimnyama elokulinganisa.
“Besifuna ukuwuqala ngomfutho umdlalo, siyicindezele iMamelodi Sundowns, kodwa kwangenzeka ngoba emizuzwini engu-20 yokuvula iyona ecindezele kuqala. Ngicabanga ukuthi iqembu lami beliphansi ekuqaleni komdlalo,” kusho u-Ouaddou.
“Singenile emdlalweni kancane kancane, sazimisela, sakhombisa nentshisekelo yokuhlasela. Sibe nawo amathuba esiwombeni sokuqala kodwa saphinde sangawasebenzisa. Ngeshwa singenelwe yigoli ebeliqhamuka kwikhona.
“Sikhethe ukwenza izinguquko ezithile eqenjini, salihlela ngendlela ehlukile futhi safaka abadlali abazofika nomfutho omusha. Ngicabanga ukuthi abadlali bakuthathe kahle lokho futhi nalaba esibafakile balethe okuhle esiwombeni sesibili.
“Ngijabule kakhulu ngendlela esidlale ngayo esiwombeni sesibili. Besingalithola negoli lokunqoba ngasekugcineni kodwa ibhola linjalo. Sekufanele sibheke umdlalo olandelayo neStellenbosch bese sidlulela emlenzeni wesibili."
IPirates izobhekana neStellenbosch FC koweBetway Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30pm, ngaphambi kokudlala umlenze wesibili womdlalo weMTN8 neSundowns eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Related Topics: