UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates, u-Oswin Appollis, ongomunye wabasayiqale yonke imidlalo kuleli qembu kule sizini.
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uthi nakuba kukhona abadlali abasha asebanike isikhathi esiningi enkundleni, lokho akusho ukuthi laba abebekhona ngesizini edlule abangakadlali sekuphelile ngabo.
Lo mqeqeshi ovale isikhala sikaJose Riveiro ngaphambi kokuqala kwale sizini usebophele izikimu ezintathu ezehlukene emidlalweni emithathu esidlalwe yiqembu lakhe kule sizini.
EZimnyama zinqobe iPolokwane City ngo 2-0 kuma-quarterfinal eMTN8, kodwa zahlangana nezimbila zithutha kweyeBetway Premiership lapho ezihlulwe khona yiSekhukhune United ngo 1-0 neMarumo Gallants ngo 2-1.
Kule midlalo lo mqeqeshi odabuka eMorocco ukhombise ukubathemba abadlali abasanda kusayiniswa yileli qembu okubalwa kubona uSihle Nduli, Oswin Appollis, Sinoxolo Kwayiba, Abdoulaye Mariko nabanye, kanjalo noBoitumelo Radiopane ongadlalanga kakhulu ngesizini edlule.
Ukuthola kwabo isikimu kusho ukuthi abadlali okukhona kubona uThalente Mbatha, Makhehleni Makhaula, Tshegofatso Mabaso nabanye sebelizwa ngendaba ijezi.
Nokho, u-Ouaddou uthe bonke abadlali bazolithola ithuba njengoba besazodlala emiqhudelwaneni eminingi ehlukene yakuleli, kanjalo neCaf Champions League.
"Kubaluleke kakhulu ukuqonda ubukhulu beqembu nokuthi yini esifuna ukuyizuza. Sinabadlali abanekhono futhi sinesikwati esikhulu. Bonke abadlali babalulekile eqenjini futhi bonke bazolithola ithuba lokukhombisa ukuthi yini abangayenzela iqembu,” kusho u-Ouaddou.
“Sinabadlali abaningi abasha futhi umsebenzi wethu ukubahlanganisa neqembu nokubanika ithuba lokuzibonakalisa, kodwa ngiyagcizelela ukuthi bonke abadlali babalulekile kithina. Bonke abadlali esinabo bayazi ukuthi bakwelinye lamaqembu amakhulu e-Afrika, okwethu ukuthi sibasize bathuthuke.
“Yilokho esikwenza nsuku zonke, ngisho nakulezi zikhathi ezinzima, ukuze badlale kangcono futhi baqine ngokomqondo. Siyabazi abadlali esinabo eqenjini, ikakhulukazi laba abebevele bekhona futhi bonke basazolithola ithuba lokudlala.”
EzikaMagebhula zizodudulana neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8 e-Orlando Stadium namuhla ngo-3 ntambama.
U-Ouaddou uthe uyazi ukuthi banengcindezi yokuwunqoba lo mdlalo bajabulise abalandeli, yize usazolandelwa umlenze wesibili ozodlalelwa ePitoli ngempelasonto ezayo.
La maqembu ahlangane kwemibili yeligi ngesizini edlule, iSundowns yanqoba ngo 4-1 ePitoli, iPirates yadlula ngo 2-1 e-Orlando.
“Wumdlalo thina nabalandeli esiwubheke ngabomvu. Into esigxile kuyona ukuthi sidlale kahle, senze konke okusemandleni ukuthi siwunqobe umdlalo. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa yilokho esikuhlosile,” uqhube kanje u-Ouaddou.
“Angikwazi ukulahla zonke izinto ezinhle abadlali abazenzile emidlalweni edlule kodwa siyazi ukuthi kufanele sithuthuke emdlalweni olandelayo. Asikakaxhumani kahle enkundleni.
“Ebholeni kumele wenze kahle kuwona womabili amabhokisi. Kufanele ushaye amagoli uma uhlasela, bese uvimba izitha ukuthi zingawashayi amagoli. Yilokho okumqoka ebholeni futhi yikhona esizozama ukukwenza emidlalweni elandelayo."
Related Topics: