UMGADLI uPhakamani Mahlambi ozama ukubuyela ebholeni emuva kweminyaka enyamalele
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
UZAMA ukukhuza ibuya ebholeni umgadli, uPhakamani Mahlambi, okuvela ukuthi uziqeqesha neDurban City ngenhloso yokuthola inkontileka ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt.
UMahlambi (27), owayengomunye wabadlali abancane abaseqophelweni eliphezulu eMzansi eminyakeni edlule, kuvele ukuthi uziqeqesha neCity ngenhloso yokubuyela ebholeni ngemuva kweminyaka emithathu enyamalele. Lo mdlali waseNgoje, eVryheid, wazakhela igama edlala kwiBidvest Wits ngaphansi kukaHunt okunguyena owamenyusela esikimini esikhulu ngo-2015. Emuva kweminyaka emithathu, wadayiselwa i-Al Ahly yase-Egypt ngezizumbulu zemali. Izinkinga zaqala ukuvela ngesikhathi esebuyile eMzansi, esedlalela iMamelodi Sundowns, lapho kwasabalala khona ukuthi unenkinga yophuzo oludakayo. Lokhu kwaqhubeka ngisho esebolekiswe kuMaZulu, agcina emkhombe indlela ngenxa yawo amankwebevu. Emuva kokumbolekisa kwiChippa, iSundowns yagcina imxoshile ngo-2022.
UHunt ukuqinisekisile ukuthi uMahlambi uzama inhlanhla kwiCity, wathi kodwa konke kusezandleni zakhe lo mdlali owaduma ngejubane elihambisana nomjiko.
"Ngeke avuswe yimi, kuzomele azivuse yena. Mina ngimnika ithuba njenganoma yimuphi umdlali webhola. Sekuzoba sezandleni zakhe ukuthi uyalisebenzisa yini ithuba anikwa lona. Usemncane, kuningi asengakwenza," kusho uHunt.
"Wayengumdlali omncane othembisayo kakhulu eNingizimu Afrika ngimdlalisa njengomgadli, waze waya kwi-Al Ahly, samdayisa ngezigidi zamarandi. Wabuya waya kwiSundowns. Ngabuya ngamlanda sengikwiChippa kodwa walimala. Usebuye kaningi ukwedlula uGeorge Foreman (umshayisibhakela). Usengabuya namanje."
UMahlambi uzama ukubuya ebholeni nje, sekunesasasa ngomfowabo, uSeluleko "Phara" Mahlambi (20), odlalela iTS Galaxy. USeluleko odlala ezinhlangothini, usebuya emaqenjini amaningi okukhona kuwona AmaZulu neCape Town City adlale kuyona kwiDStv Diski Challenge (DDC). Ujoyine iGalaxy ngesizini edlule, wadlala kwiDDC, njengoba esenyuselwe esikimini esidlala kwiBetway Premiership.
Related Topics: