UMDLALI wasesiswini we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng.
Image: BACKPAGEPIX
UFISA ukuthi liqhubeke nokuqhakaza ikusasa lobenguzakwabo kwi-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng, umdlali osanda kuthola amadlelo aluhlaza eSaudi Arabia, uMohau Nkota.
UNkota oyinxele kodwa ojwayele ukugijima ngakwesokudla (20), udlale okokuqala eqenjini elikhulu lePirates ngasekuqaleni kwesizini edlule, esuka kweleDStv Diski Challenge (DDC).
Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-39 emiqhudelwaneni ehlukene, washaya amagoli ayisikhombisa, waba nesandla kwamanye amahlanu.
Ngenyanga edlule uthengwe yiqembu eligijima esigabeni esiphezulu eSaudi Arabia, i-Al-Ettifaq Club. Uthe ufisa ukubona uMofokeng (21), osayibambe kweZimnyama, enyukela kweliye izinga kule sizini.
“Mina noRele sisondelene kakhulu. Besilala egumbini elilodwa uma iqembu likhempile. Ungijabulele kakhulu ngesikhathi ezwa ukuthi sengiya eSaudi. Ngixoxile naye ngemva kokuthi iqembu seliqinisekise izindaba ngoba phambilini ngangidonswe ngendlebe ukuthi ngingahlebeli noyedwa umdlali,” kusho uNkota ohlelweni iSports Nights Amplified esiteshini somsakazo iMetro FM.
“Angazi kwenzekani ngaye (uMofokeng) njengamanje. Abantu bayakhuluma, kodwa angazi ukuthi kwenzekani. Ngimfisela konke okuhle. Ngiyethemba ukuthi uzokwenza kangcono kunangesizini edlule.”
Nakuba iligi yaseSaudi Arabia ithathwa njengeligi abadlali abaphuma emaqenjini amakhulu ase-Europe abaya kuyona sebeyoqoqa imali yokugcina ngaphambi kokuba bawabeke ethala amakhokho, uNkota yena ubheke ukwenza okuhlukile ngokuqala kuyona ukuze adlulele kumaligi amakhulu.
“Kimina kufezeke iphupho ngokushiya i-Orlando Pirates ngisemncane. Ngiyazi abantu abaningi babona le ligi njengendawo abadlali abagugela kuyona kodwa mina ngiyithatha njengethuba lokuzibonakalisa. Angiboni ukuthi ngizoyiqeda yonke inkontileka yami yeminyaka emithathu ngoba ngizosebenza kanzima.
“Imali yinhle kodwa angilawulwa iyona. Iphupho lami wukudlala kumaligi aphezulu. Ngicabanga ukuthi nabanye abadlali bangalisebenzisa ithuba lokudlala eSaudi uma liqhamuka. Yiligi enhle enamaqembu aqinile. Njengamanje ngiziqeqesha nomdlali ofana no-Gini Wijnaldum nabanye abasezingeni eliphezulu.”
Ngaphandle kukazakwabo uWijnaldum owanqoba inqwaba yezicoco neLiverpool e-England, uNkota uzophinde abhekane nenqwaba yabadlali abahlonishwayo okubalwa kubona uCristiano Ronaldo, Sadio Mane, Karim Benzema, Kalidou Koulibaly nabanye.
Ngesizini edlule i-Al-Ettifaq iqede endaweni yesikhombisa kwiligi yaseSaudi ngamaphuzu angu-50 emidlalweni engu-34.
Related Topics: