UMDLALI weMamelodi Sundowns, uThapelo Maseko, okhala ngobuhlungu bokungalitholi ijezi kuleli qembu.
Image: BACKPAGEPIX
UPHUMELE obala ngobuhlungu bokungalitholi ijezi kwiMamelodi Sundowns akubona kumqedela uthando lwebhola umdlali waleli qembu, uThapelo Maseko.
Lo mdlali ogadla eqhamuka ezinhlangothini usayiniswe amaSandawana ngoJuni ka-2023, esuka kwiSuperSport United akhulela enkulisa yayo.
Wafika kumaBrazilian wenza umehluko ngesikhathi enqoba i-African Football League (AFL), lapho ashaya khona igoli benqoba iPetro Luanda ngo 2-0 kuma-quarterfinal, waphinde washaya elinye elimqoka bedlula ngo 1-0 kwi-Al Ahly kowandulela owamanqamu.
Ngesizini ka-2022/23, wadlala imidlalo engu-24 yeligi kumaTsatsantsa, washaya amagoli amane, kodwa sehlile isikhathi asithole enkundleni kwiSundowns kumasizini edlule.
Udlale imidlalo eyisithupha yeligi ngesizini ka-2023/24, kwathi kwedlule wadlala imidlalo eyisishiyagalolunye, eqhamuka ebhentshini kuyona yonke.
UMaseko, obukeka engekho ezinhlelweni zomqeqeshi, uMiguel Cardoso, ube ngomunye wabadlali abashiywe ngemuva ngesikhathi leli qembu liyodlala kwiFifa Club World Cup ngoJuni.
Ubesebentshini linqoba iRichards Bay ngo 4-0 kuma-quarterfinal eMTN 8 kanti ubengekho lidlala ngokulingana neChippa United kowokuvula iBetway Premiership ngoMgqibelo.
"Angazi nokuthi kuqale nini kodwa muva nje, ngizwa sengathi umlilo obuvutha ngaphakathi kimina uyaphela. Ngisaziqeqesha ngokuzikhandla ngisho umzimba nomqondo ungavumi kodwa ngizizwa ngifile ngaphakathi. Umdlalo obujabulisa umphefumulo wami usuhlukile, uyasinda, uyabanda,” uMaseko ubhale kanje ekhasini lakhe kwi-Instagram.
“Kubuhlungu ngendlela engajwayelekile ukuzinikela ngakho konke kodwa uzizwe ungabonakali. Uyazikhuthaza ukuthi uqhubeke kodwa uyalimala ngaphakathi usuku nosuku, kuyancipha ukuzethemba, injabulo iyashabalala futhi uzibona ungaseyena lo muntu owawunguye.
"Indlala, injabulo, uthando lomsebenzi, konke kuyehla kancane kancane. Ithemba liyaphela futhi ngisala ngizibuza ukuthi ngabe ngiyophinde ngibuyele yini kule ndawo engake ngaba kuyona?”
Njengoba uMaseko eneminyaka engu-21, lisekhona ithuba lokuthi aqhubeke nokudlondlobala kwiSundowns. Ngaphandle kwalokho, isengamdayisa noma leli qembu lasePitoli likhethe ukumdayisa.
Phambilini, bekunemibiko yokuthi kunamaqembu akuleli nawangaphandle abefuna ukumthatha, nokungenzeka aphinde abuye kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali, ikakhulukazi njengoba esephumele obala ngokungenami kwakhe eChloorkop.
AmaBrazilians azobuyela enkundleni kusihlwa lapho ezodudulana khona naMaZulu FC koweBetway Premiership eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngo-7.30 ebusuku.
Related Topics: