Ezemidlalo Ibhola

OweBucs akajahile ukudlalisa uMabasa

Sibusiso Mdlalose|Published

UTshegofatso Mabasa

Image: BackpagePix

 UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uzwakala engajahile ukubuyisela enkundleni umgadli, uTshegofatso Mabasa, obeyithemba leZimnyama ngesizini edlule.

Selokhu efikile u-Ouaddou, wenze izinguquko esikimini ebesidlala ngesizini edlule ngaphansi kukaJose Riveiro. Ezinye zazo wukubeka eceleni uMabasa oshayele iPirates amagoli angu-15 no-Evidence Makgopa abebengamathemba eqembu. Emuva kokuthi iPirates yehlulwe yiSekhukhune United ngo 1-0 emdlalweni wokuqala wesizini yeBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo, u-Ouaddou uphinde wabhekana nombuzo ngokungabonwa kukaMabasa.

"Ubuza ngoba abagadli abadlalile abawashayanga amagoli. UMabasa uqatha, ukuthi nje nginika abanye abadlali ithuba. Ukulungele ukudlala, isizathu sokungabi bikho kwakhe kube yisinqumo sendlela ebesihlele ukudlala ngayo kulo mdlalo. Uma sesimdinga uzofika adlale ngale ndlela esimazi ngayo," kusho u-Ouaddou.

IPirates ihlulwe kulo mdlalo yize ibiwuphethe. Abadlali bayo behluleke bancama ukubhodloza udonga lweSekhukhune. U-Ouaddou uvumile ukuthi kukhona abangakwenzanga kahle kulo mdlalo wangoMgqibelo, uma eqhathanisa nowe-quarterfinal eMTN8 abaguqise kuwona iPolokwane City ngeledlule.

"Ngeshwa asiqalanga ngendlela ebesifuna ukuqala ngayo isizini. Besiba yiqembu elihlukile uma ibhola lingasekho kithina kodwa ngicabanga ukuthi kukhona okuhle esikubonile kulo mdlalo, phezu kokuhlulwa kwethu," usho kanje.

"Iqiniso ngebhola wukuthi kufanele uwasebenzise ngendlela amathuba owatholayo okubhakuzisa inethi uma sewusebhokisini ngoba uma ungakwenzi lokho izitha zizokuqeda. Ngithe kubafana, kuzomele sidlale ibhola elisheshayo emdlalweni wethu olandelayo."

IPirates inengcindezi yokuqoqa amaphuzu agcwele uma isivakashela iMarumo Gallants emdlalweni weligi eSeisa Ramabodu Stadium eMangaung, kusasa ngo-7.30 ebusuku. 

Imidlalo yeBetway Premiership

Kusasa:

Marumo Gallants v Orlando Pirates (Seisa Ramabodu Stadium, 7.30pm); Orbit College v Siwelele (Dobsonville Stadium, 7.30pm); Mamelodi Sundowns v AmaZulu (Loftus Versfeld Stadium, 7.30pm)

NgoLwesithathu:

Golden Arrows v Richards Bay (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Kaizer Chiefs v Polokwane City (FNB Stadium, 7.30pm); Magesi v Stellenbosch (Seshego Stadium, 7.30pm); Durban City v Chippa United (Chatsworth Stadium, 7.30pm); Sekhukhune United v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium, 7.30pm)