Ezemidlalo Ibhola

UZwane ukhale 'ngokufa' kwetulo lokuhlelela oweDowns

Zakhele Xaba|Published

ARTHUR ZWANE

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UJABULE wabuya nganeno umqeqeshi waMaZulu, u-Arthur Zwane, ezakhe ziqeda ukhondolo lokwehluleka wukuwina umdlalo wokuqala wesizini kwiBetway Premiership.

USuthu lwehlule omakoti bePremiership, i-Orbit College, ngo 1-0 emdlalweni obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo. Igoli kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaSekhoane Moerane esiwombeni sokuqala. UZwane uthe ukwehluleka kwezakhe ukushaya amanye amagoli kunyomfe izinhlelo zabo ebhetshini njengoba bebevele sebehlelela abazowudlala neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, kusasa ngo-7.30 ebusuku.

AmaZulu abelokhu agcina ukuwina umdlalo wokuvula isizini ngeka-2017/2018. 

"Besinawo amathuba okushesha siwine umdlalo, siwulawule ngokwazi ukuthi sinomdlalo ngoLwesibili futhi bekudingeka ukuthi songe abanye abadlali. Ngakho besifuna okungenani ukuthola amagoli amabili, sifake abanye babadlali abasebancane sehlise isivinini somdlalo, silinde isikhathi esifanele sibalimaze futhi. Kodwa asikwenzanga lokho, ngakho kudingeke sibagcine isikhathi abanye balaba badlali, silinde isikhathi esifanele sokubakhipha ngoba bazothatha isikhathi ukubuyela esimeni njengabasebancane abazobe sebelulungele uLwesibili," kusho uZwane.

ISundowns ilahle amaphuzu ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neChippa United eGqeberha. Nakuba lokhu kufanele kube yizindaba ezinhle kuZwane kodwa akafuni bakufake ekhanda.

"Ngeke sithi ngoba iSundowns idlale ngokulingana, bese sithi kuzobalula. Into engiyaziyo wukuthi kubona bonke abantu kule sizini kuzoba nzima. Ngeke kube lula ukukhuluma ngamaqembu anganikwe lutho, kuzoba nzima kakhulu. Uma ubheka emidlalweni esiyidlalile neSundowns, besilinyazwa wubuchule bomdlali othize okunguPeter Shalulile, uRibeiro (Lucas), emzuliswaneni wokuqala nowesibili wami wangesizini edlule. Yilabo abadlali ababili abebenza umehluko omkhulu. Yikho ngithi kuzoba nzima. Yebo banabo abadlali abaseqophelweni eliphezulu, siyabahlonipha kodwa ngeke sibahlulele ngokuthi badlale ngokulingana. Kuzoba wumdlalo ohlukile uma sebedlala nathi," kusho uZwane.