UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso edla amathambo engqondo emdlalweni weBetway Premiership neChippa United.
Image: BACKPAGEPIX
UFUNA basheshe bakudlulise ukuthi bahlulwe wukucosha amaphuzu agcwele emdlalweni wokuvula isizini weBetway Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
AmaSandawana abambane ngo 1-1 neChippa United emdlalweni obuseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngoMgqibelo ntambama.
Kuyiwe ekhefini ehamba phambili ngo 1-0 ngegoli lika-Arthur Sales kodwa iChilli Boys yalinganisa ngelikhahlelwe nguKhaya Mfecane, lashayisa kuTeboho Mokoena layongena enethini.
“Asiwuqalanga kahle umdlalo futhi esiwombeni sokuqala asidlalanga ngendlela ebesifisa ngayo ngenxa yokuthi iChippa ibisicindezela uma siphethe ibhola. Noma kunjalo, sikwazile ukuthola igoli elisibeke phambili ngesikhathi sekhefu,” kusho uCardoso.
“Besifuna ukushaya elesibili futhi sikukhombisile lokho esiwombeni sesibili. Sibulawe ibhola elishaywe ngaphandle kwebhokisi, lashayisa kumdlali wethu. Ziyenzeka izinto ezinjalo ebholeni. Into abantu abazokhuluma ngayo wukuthi sidlale ngokulingana, salahla amaphuzu amabili.
“Kumele sikwamukele lokho futhi wumsebenzi wethu ukuthi senze okungcono emdlalweni olandelayo.”
AmaBrazilian agcina ngesizini ka-2018/19 ukulahla amaphuzu emdlalweni wokuqala wesizini ngesikhathi ebambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs.
EzikaCardoso zizobhekana naMaZulu FC emdlalweni wazo wesibili weligi ozodlalelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, kusasa ngo-7.30pm.
Emdlalweni neChippa bebengekho abadlali okubikwa ukuthi bangase bayishiye iSundowns, okunguLucas Ribeiro noKhuliso Mudau, kanti uPeter Shalulile ubesebhentshini kodwa akangenanga.
“Sinamahora cishe angu-72 okulungiselela umdlalo olandelayo ozoba yithuba lokuqala kabusha bese siyabona ukuthi siqhubeka kanjani. Akuyona into enhle ukuqala isizini ngokudlala ngokulingana kodwa sekufanele sicabange umdlalo olandelayo,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Isizini yinde, inhloso yethu wukuthi ekupheleni kwayo sibe namaphuzu amaningi kunezimbangi zethu. Sizobuyela ekhaya sihlaziye umdlalo wokuqala, sibone amaphutha esiwenzile bese siyazama ukuthuthukisa iqembu. Kuningi okusazokwenzeka kuleli qembu ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali. Ake silinde sibone ukuthi kuzokwenzekani. Okwamanje sizozama ukuxazulula izinkinga zethu, siqinise iqembu, sithuthukise abadlali bethu.
“Kufanele sisebenze ngesikwati esinaso nabadlali abazosiqinisa abaqhamuka ebhentshini. Kusemahlombe ami ukusebenza nabadlali enginabo ukuze sithole imiphumela emihle."
Usuthu luvule ngewini lwehlula i-Orbit College ngo 1-0 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ntambama.
Related Topics: