U-OUSMANE Dembele osethubeni lokunqoba iBallon d'Or yabesilisa.
Image: EPA
ISINYUKELE kwelinye izinga inkulumompikiswano ngokuthi yibaphi abadlali, abaqeqeshi namaqembu angase anqobe kumaBallon d’Or Awards anonyaka kulandela ukukhishwa kohlu lwabaqokelwe eminxeni ehlukene.
Abazodla umhlanganiso bazomenyezelwa emcimbini ozobanjelwa eTheatre du Chatelet, eParis, eFrance, ngoSepthemba 22.
Uhlu lwabaqokiwe luhlanganiswe yithimba lezintatheli zephephabhuku lebhola laseFrance, iFrance Football, zibambisene nezephephandaba lezemidlalo lakuleli lizwe, i-L'Equipe.
Kwabesilisa kuvota intatheli eyodwa kumazwe angu-100 akleliswe phezulu emhlabeni, kwabesifazane kuvote izintatheli ezivela emazweni angu-50 akleliswe phezulu.
Njengoba iBafana Bafana isendaweni ka-56 emhlabeni, izoba khona intatheli yakuleli ezovotela indondo yabesilisa, kodwa ngeke ibe khona kweyabesifazane ngenxa yokuthi iBanyana Banyana ikleliswe endaweni ka-54.
Izintatheli zikhuthazwa ukuthi zibheke ukuthi umdlali ngamunye udlale kanjani, amaqembu awadlalelayo azuzeni nokuthi uziphatha kanjani enkundleni.
Kukhona neminye imiklomelo efana neKopa Trophy yabadlali abasebancane abahamba phambili, iYashin Trophy yonozinti kanye nemiklomelo yabaqeqeshi namaqembu enze kahle kusukela ngo-Agasti nyakenye kuya ekupheleni kukaJulayi nonyaka.
U-Ousmane Dembele weParis Saint-Germain, uMohamed Salah weLiverpool kanye nabadlali beBarcelona uRaphinha noLamine Yamal bayabalwa kubadlali okubhekwe ukuthi bawine umklomelo weBallon d’Or wabesilisa.
u-ALESSIA RUSSO we-Arsenal ngomunye wabathwelwe ngeqoma kwiBallon d'Or yabesifazane.
Image: EPA
Kwabesifazane, u-Aitana Bonmati weBarcelona, onqobe lo mklomelo eminyakeni emibili edlule, usasethubeni lokuwuthatha okwesithathu, ehambisana nozakwabo u-Alexia Putellas, u-Alessia Russo we-Arsenal nabanye.
Abaqokelwe iBallon d’Or yabesilisa: Jude Bellingham (Real Madrid), Ousmane Dembele (PSG), Gianluigi Donnarumma (PSG), Desire Doue (PSG), Denzel Dumfries (Inter Milan), Serhou Guirassy (Borussia Dortmund), Viktor Gyokeres (Arsenal), Erling Haaland (Man City), Achraf Hakimi (PSG), Harry Kane (Bayern Munich), Khvicha Kvaratskhelia (PSG), Robert Lewandowski (Barcelona), Alexis Mac Allister (Liverpool), Lautaro Martinez (Inter Milan), Kylian Mbappe (Real Madrid), Scott McTominay (Napoli), Nuno Mendes (PSG), Joao Neves (PSG), Michael Olise (Bayern Munich), Cole Palmer (Chelsea), Pedri (Barcelona), Raphinha (Barcelona), Declan Rice (Arsenal), Fabian Ruiz (PSG), Mohamed Salah (Liverpool), Virgil van Dijk (Liverpool), Vinicius Jr (Real Madrid), Vitinha (PSG), Florian Wirtz (Liverpool), Lamine Yamal (Barcelona).
Abaqokelwe iBallon d’Or yabesifazane: Sandy Baltimore (Chelsea), Barbra Banda (Orlando Pride), Aitana Bonmati (Barcelona), Lucy Bronze (Chelsea), Klara Buhl (Bayern Munich), Mariona Caldentey (Arsenal), Sofia Cantore (Washington Spirit), Steph Catley (Arsenal), Temwa Chawinga (Kansas City Current), Melchie Dumornay (Lyon), Emily Fox (Arsenal), Cristiana Girelli (Juventus), Esther Gonzalez (Gotham), Caroline Graham Hansen (Barcelona), Patri Guijarro (Barcelona), Amanda Gutierres (Palmeiras), Hannah Hampton (Chelsea), Pernille Harder (Bayern Munich), Lindsey Heaps (Lyon), Chloe Kelly (Arsenal), Frida Maanum (Arsenal), Marta (Orlando Pride), Clara Mateo (Paris FC), Ewa Pajor (Barcelona), Claudia Pina (Barcelona), Alexia Putellas (Barcelona), Alessia Russo (Arsenal), Johanna Rytting Kaneryd (Chelsea), Caroline Weir (Real Madrid), Leah Williamson (Arsenal).
Abaqokelwe iKopa Trophy yabesilisa: Ayyoub Bouaddi (Lille), Pau Cubarsi (Barcelona), Desire Doue (PSG), Estevao (Chelsea), Dean Huijsen (Real Madrid), Myles Lewis-Skelly (Arsenal), Rodrigo Mora (FC Porto), Joao Neves (PSG), Lamine Yamal (Barcelona), Kenan Yildiz (Juventus).
Abaqokelwe iKopa Trophy yabesifazane: Michelle Agyemang (Arsenal), Linda Caicedo (Real Madrid), Wieke Kaptein (Chelsea), Vicky Lopez (Barcelona), Claudia Martinez (Olimpia).
Abaqokelwe iYashin Trophy yabesilisa: Alisson Becker (Liverpool), Yassine Bounou (Al Hilal), Lucas Chevalier (Lille), Thibaut Courtois (Real Madrid), Gianluigi Donnarumma (PSG), Emiliano Martinez (Aston Villa), Jan Oblak (Atletico Madrid), David Raya (Arsenal), Matz Sels (Nottingham Forest), Yann Sommer (Inter Milan).
Abaqokelwe iYashin Trophy yabesifazane: Ann-Katrin Berger (Gotham FC), Cata Coll (Barcelona), Hannah Hampton (Chelsea), Chiamaka Nnadozie (Brighton), Daphne van Domselaar (Arsenal).
Abaqokelwe kwiCoach of the Year kwabesilisa: Antonio Conte (Napoli), Luis Enrique (Paris Saint-Germain), Hansi Flick (Barcelona), Enzo Maresca (Chelsea), Arne Slot (Liverpool).
Abaqokelwe kwiCoach of the Year kwabesifazane: Sonia Bompastor (Chelsea), Arthur Elias (Brazil), Justine Madugu (Nigeria), Renee Slegers (Arsenal), Sarina Wiegman (England).
Abaqokelwe kwiTeam of the Year kwabesilisa: Barcelona (Spain), Botafogo (Brazil), Chelsea (England), Liverpool (England), Paris Saint-Germain (France).
Abaqokelwe kwiTeam of the Year kwabesifazane: Arsenal (England), Barcelona (Spain), Chelsea (England), Olympique Lyonnais Feminine (France), and Orlando Pride (United States).
Related Topics: