UQHAKAMBISA eyokuvikela irekhodi lakhe umshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uMxolisi "Nation" Zuma, ozobhekana noFillipus "Energy'' Nghitumbwa waseNambia, okleliswe ezilinganisweni zomhlaba.
UZuma (10-0-0) noNghitumbwa (16-2-0) bazobanga ibhande le-WBO Global Super Bantamweight empini ezoba seWindhoek Country Club Resort and Casino ngoMgqibelo. Leli bhande beliphethwe nguNghitumbwa kusukela alithola ehlula ngomngqimuzo womlalisa phansi umshayisibhakela wakuleli, u-Innocent "Tycoon" Mantengu ngo-2021, kodwa waliphucwa nguJohn Riel Casimero wasePhilippines, ngo-2023. UZuma osaziwine ngomngqimuzo womlalisa phansi zonke izimpi asazilwile esibhakeleni esikhokhelayo, uzoba ngumshayisibhakela wesine waseNingizimu Afrika ozobhekana noNghitumbwa osazidlele amahlanga kubona bonke abakuleli asangene nabo eringini. Ngaphandle kukaMantengu, uNghitumbwa wahlula ngomcacamezelo womlalisa phansi uSabelo Ngebiyana wase-Eastern Cape evikela ibhande le-WBO Global Super Bantamweight ngo-2022, wanqoba ngendlela efanayo kuThato Bonokoane empini yebhande le-WBO Africa Global Super Bantamweight ngo-2023.
Nakuba uZuma enengcindezi yokuqeda ukukhonya kukaNghitumbwa kubashayisibhakela baseMzansi, ukubeke phambili ubumqoka bokubuya nerekhodi lakhe lingangcolile. Ezimpini ezingu-16 aziwinile uNghitumbwa, ezingu-14 uzinqobe ngomngqimuzo womlalisa phansi.
"Kubaluleke kakhulu ukuvikela irekhodi lami ngoba liyangikhulumela. Ukuthi angikaze ngihlulwe kuyinto engisizayo nengivulela amathuba. Ngiyazi ukuthi ngeke ngihlale nginqoba ngomngqimuzo womlalisa phansi ngoba asihlali sihlelela wona kodwa okubalulekile wukungahlulwa," kusho uZuma.
"Ngiyajabula kakhulu ngethuba engilitholile. Ngibonga abaphathi bami uDladla (Hlula) noMama uHle (Jobe) ngokungivulela leli thuba. Amalungiselelo ahamba ngendlela ebesihlele ngayo futhi siyathemba ukuthi konke kuzohamba kahle ngosuku lwempi. "
UZuma ongumpetha we-WBF Intercontinental Super Bantwaweight ne-African Boxing Union (ABU), ugcine ukungena eringini ngoJuni, ehlula uClifford Antafu waseMalawi empini ebiseDundee. Uzolwela ibhande le-WBO Global nje, usethubeni lokulwela ele-SA Super Bantamweight eliphethwe nguSiyabulela Hem wase-Eastern Cape kwazise ukleliswe phezulu kwabaligaqele.
"Akukhona ukuthi ibhande laseNingizimu Afrika indaba yalo ngiyibeka eceleni kodwa ngizama indlela ezongisa esibhakeleni somhlaba. Kumele ngithathe wonke amathuba aqhamukayo ngoba neminyaka iyahamba. Ngizama indlela eya phambili," kusho uZuma.