Ezemidlalo Ibhola

UDu Preez ufuna iChiefs ishise zibekwa kule sizini

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI weKaizer Chiefs, u-Ashley Du Preez, uwubheke ngabomvu umdlalo wabo neqembu lakhe lakudala iStellenbosch FC.

Image: BACKPAGEPIX

UHLOSE ukuphinde alithwalise kanzima iqembu lakhe lakudala, iStellenbosch FC, uma sebebhekene kowokuvula iBetway Premiership kusasa ntambama umgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley du Preez.

La maqembu azotholana phezulu koweligi ozobanjelwa e-Athlone Stadium, eKapa, kusasa ngo-5.30pm.

Lo mdlali wajoyina Amakhosi ngo-2022, uselijezise kabili phambilini leli qembu ahlala kulona iminyaka emine. Washayela iChiefs igoli emdlalweni we-MTN8 nakoweligi okuyinto abheke ukuphinda ayenze kusasa.

“Kuhlala kumnandi ukudlala neStellenbosch nokuvakashela eKapa. Ngisijwayele isimo sezulu nazo zonke izinto esingazilindela khona. Umqondo wami uhlezi ugxile emdlalweni uma ngidlala neStellenbosh futhi ngiwulungele ngokuphelele umdlalo. Ngingathanda ukuqala kule sizini ngokushaya nokukhanda amagoli,” kusho uDu Preez.

“Ngithe uma ngibheka umdlalo abawudlalile (weMTN8) ngabona ukuthi badlale kahle, nangesizini edlule benze kahle. Ngeke kube wumdlalo olula, bebebukeka bebukhali uma behlasela, kuzoba wumdlalo omuhle.”

Nakuba Amakhosi eyiqedile indlala yezicoco ngokunqoba eseNedbank Cup ngasekupheleni kwesizini edlule, uDu Preez ubona sekuyisikhathi sokuthi bakhuphule izinga kuyona yonke imiqhudelwan abazoyidlala kule sizini.

Uthe imidlalo yokungcweka abayidlale ngesikhathi belungiselela isizini entsha eNetherlands ibakhombisile lapho kufanele baqinise khona.

“Angisakwazi ukulinda ukuthi kuqale isizini. Wonke umuntu uqala kabusha. Ngicabanga ukuthi kule sizini singakwazi ukuqhudelana ngayo yonke indlela, kweyeligi neyomkhumulajezi. Kubalulekile ukuthi sibe sezingeni eliphezulu zibekwa nje,” uqhube kanje.

“Amalungiselelo ethu abemahle, sifunde lukhulu eNetherlands futhi ngicabanga ukuthi lokho singakuyisa kwiligi. Iqembu libukeka lilihle. Kunomoya omuhle, sonke sinomqondo ofanayo mayelana nalokho esifuna ukukuzuza kule sizini. 

“Nginesiqiniseko sokuthi bonke abadlali bajabule kakhulu. Sisayinise abadlali abasha saphinde sakhuphula nabebegijima eqenjini elincane. Sesijahe ukubona ukuthi bazohlangana kanjani nathi kodwa babukeka beza kahle.”

Ngesizini edlule Amakhosi ahlulekile ukuqeda kwiTop 8 kwiBetway Premiership njengoba ephelele endaweni yesishiyagalolunye ngamaphuzu angu-32 emidlalweni engu-28.