UHLOSE ukukhuphula isibalo samagoli awashayayo nawakhandayo kule sizini umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uKabelo Dlamini.
Image: BACKPAGEPIX
UZIMISELE ngokuba ngumdlali ovelele kunangesizini edlule umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uKabelo Dlamini, yize ekuqonda ukuthi kuzomele asebenze kanzima ukuze athole ijezi kuleli qembu.
Ngesizini edlule, uDlamini(29) udlale imidlalo engu-44 kweZimnyama emiqhudelwaneni ehlukene, washaya amagoli amane, waba nesandla kwamanye ayisishiyagalombili.
Lo mdlali ujwayele ukugijima ngemuva kwabagadli, okuyindawo abeyibanga kakhulu noPatrick Maswanganyi. Ukufika kwabanye abadlali abahlaselayo okubalwa kubona uSinoxolo Kwayiba, Sipho Mbule, Abdoulaye Mariko nabanye kusho ukwanda kwabadlali azobanga nabo isikimu kwiPirates ngesizini ka-2025/26 okuyinto ayibona izomenza abe ngumdlali ongcono.
“Ngiyawabonga amathuba engiwatholile ngesizini edlule futhi ngifuna ukuqhubeka nokuhle engikwenzile. Into engingayenza wukudlala kahle, ngisize iqembu lifeze izinhloso zalo, ngiphinde ngenze lokhu engizibekele khona. Ngifuna ukushaya amagoli ngiphinde ngakhele ozakwethu amanye,” kusho uDlamini.
"Imidlalo ayifani. Ngosuku oluthile umqeqeshi angase akhethe omunye umdlali futhi kufanele uhloniphe isinqumo sakhe. Uma unikezwa ithuba yilapho okufanele wenze konke okusemandleni akho. Sidlalela i-Orlando Pirates, ngakho-ke siyazi ukuthi njalo kuzofika abadlali abasha abasezingeni eliphezulu. Okwakho ukuthi uzimisele njalo uma unikwa ithuba.”
IPirates iyiqale kahle isizini ka-2025/26 iqumba phansi iPolokwane City ngo 2-0 kuma-quarterfinal yeMTN8 ngempelasonto edlule.
Namuhla izoqala olunye uhambo ngokubhekana neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngo-5.30 ntambama.
Ngesizini edlule ezikaMagebhula zinqobe imidlalo eyisikhombisa yokuqala yeligi ngaphambi kokuthi zishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 ekhaya. UDlamini unethemba lokuthi bangalikhuphula izinga kule sizini.
“Ngesizini edlule siqale kahle futhi sifuna ukulungisa amaphutha esiwenzile lapho silahle khona amaphuzu sibhekene namaqembu afana neMagesi, Sekhukhune namanye. Sifuna ukuzama ukunqoba yonke imidlalo esiyidlalayo,” kusho uDlamini.
“Indlela esaqala ngayo ngesizini edlule yayiyinhle kodwa uma uqhudelana neqembu eliqinile njengeMamelodi Sundowns, elingawalahli amaphuzu, akufanele uvume ukuhlulwa. Sihlose ukunqoba imidlalo yethu, sizame ukunqoba iligi.
“Uma ungabheka amasizini amahlanu edlule, siyakhula njengeqembu, mhlawumbe sizokwenza kangcono kakhulu kule sizini ngokunqoba noma imidlalo engu-15 ilandelana."
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla: AmaZulu FC v Orbit College (Princess Magogo Stadium, 3pm); Chippa United v Mamelodi Sundowns (Nelson Mandela Stadium, 3pm); Polokwane City v Magesi FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Stadium, 5.30pm); Siwelele v Lamontville Golden Arrows (Dr Molemela Stadium, 8pm)
Kusasa: TS Galaxy v Durban City (Mbombela Stadium, 3pm); Stellenbosch FC v Kaizer Chiefs (Athlone Stadium, 5.30pm
Related Topics: