Ezemidlalo Ibhola

UCardoso ulindele umbango weseligi oshubile

Zakhele Xaba|Published

 INKULUMO yomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, mayelana nokuphungula isikwati kuleli qembu kungenzeka yehle kahle kwamanye amaqembu acuthele ukucosha abadilizwe eChloorkop.

ISundowns enqobe isicoco seBetway Premiership ihlandla lesishiyagalombili ngesizini edlule, isamemezele kuphela uFawaaz Basadien osuka kwiStellenbosch njengomdlali omusha nakuba bekhona nabanye abamataniswa nayo. Kunalokho, ichithe abaningi okubalwa kubona abebebolekisiwe okunguSifiso Ngobeni osesayine kwiCape Town City. Abanye abakhululwe yiSundowns nguRivaldo Coetzee obelizwa ngendaba ijezi, Thabang Sibanyoni obephila ngokubolekiswa, Lebohang Maboe obebolekiswe kwiSuperSport United, noSipho Mbule ocoshwe yi-Orlando Pirates.

Awakapheli amahlebezi ngokuthi iSundowns izodlala isizini ka-2025/2026 ngaphandle kukaPeter Shalulile okubukeka engekho ezinhlelweni zikaCardoso, Lucas Ribeiro abafunwa ngamanye amaqembu noKhuliso Mudau okuthiwa ufuna ukwenyuselwa iholo.

"Mayelana nabazoshiya iqembu, asibone ekugcineni ukuthi ubani ozohamba, ubani ozongena. IMamelodi Sundowns iyiqembu elihlelekile, konke kwenziwa ngomqondo, siyasicabanga sonke isimo futhi sifaka amandla ukusilungisa sibeka phambili iqembu. Ngaleyo ndlela bakhona abazojoyina iqembu nabaphumayo ngoba sicabanga ukuthi kuyinto ekhethekile futhi kunomsebenzi omkhulu ukuba ngumdlali weMamelodi Sundowns, umdlali, umqeqeshi, isisebenzi, ibhodi, noma ubani. Yileyo ndlela okufanele sizizwe ngayo ndlela," kusho uCardoso.

Kubadlali okuvela ukuthi bangase baphelelwe yindawo esikimini sikaCardoso kubalwa uSiphelele Mkhulise osekunesikhathi eqiwa yijezi.

ISundowns eqale isizini ngokuxebula iRichards Bay ngo 4-0 koweMTN8, izovula iPremiership ngokuvakashela iChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, namuhla ngo-3 ntambama. Akubuzwa ukuthi uCardoso uzolwela ukuthi baqale kahle ngenxa yengcindezi okulindeleke ukuthi ifakwe yiPirates esayinise inqwaba yabadlali abaseqophelweni eliphezulu.

"Umbango ushubile, ngihlala ngisho ukuthi umbango weBetway Premiership ushubile. Ngaphandle kwamarekhodi esiwaphulile ngesizini edlule, kungenxa yezinga eliphezulu eqenjini, hhayi ukudlala kancane kwamaqembu esibhekana nawo," kusho uCardoso.

Siyawuhlonipha umsebenzi wabaqeqeshi nabadlali kuwona wonke amaqembu. Ngihlala ngibancoma njalo ngaphambi komdlalo, ngibabongele emuva kwawo ngomsebenzi abawenzayo nsuku zonke. Ngakho ngiyabahlonipha futhi ngiyazithoba kuwona wonke umbango. Siyazi ukuthi sinezimbangi phambi kwethu. Ngokuba yithina nokugxila kokwethu, singaqala ukucabanga ngokuwina futhi. Asiwuthathe lowo msebenzi emdlalweni ngamunye ukuze sizowina njalo noma siphunyukwe ngamaphuzu ambalwa, ekugcineni sikwazi ukulwela iligi,"kusho uCardoso.