Ezemidlalo Ibhola

OwePirates nethemba lokugcina uMofokeng

Xolile Mpisane|Published

 USATHEMBELE ekutheni uRelebohile Mofokeng uzoba ngomunye wabadlali azogadla ngabo kule sizini ka-2025/26 umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou. 

Lo mdlali  (20) usemataniswe namaqembu angaphandle okubikwa ukuthi amfuna uthuli okubalwa kuwona elaseSaudi Arabia elisanda kuthenga uMohau Nkota, i-El Ittifaq. 

UMofokeng ubegqamile ngesikhathi Ezimnyama zilungiselela ukuqala kwesizini entsha eSpain ngenyanga edlule, futhi uwudlale wonke owama-quarterfinal eMTN8 ngesikhathi ziguqisa iPolokwane City ngo 2-0 ngempelasonto edlule. 

Ebuzwa ngamahlebezi okuthi uMofokeng angase alifulathele leli maduzane, u-Ouaddou uthe yinto asayifunde emaphephandabeni leyo. 

"Ngike ngazifunda lezi zindaba. Kulindelekile ukuthi umdlali onekhono elingaka ahehe inqwaba yamaqembu kodwa ngiyalethemba ibhodi leqembu lami," usho kanje lo mqeqeshi odabuka eMorocco. 

"Ngiyalethemba iqembu ngoba nakanjani ungomunye wabadlali bethu ababalulekile futhi siyamdinga ukuze iqembu libe sezingeni eliphezulu. Siyaludinga lolu hlobo lomdlali eqenjini lethu.

“Njengomqeqeshi ngisanethemba kodwa ebholeni kungenzeka noma yini. Njengamanje ngisathemba ukuthi uzohlala ngoba angikatshelwa lutho oluhlukile. "

IPirates izovula isizini yeBetway Premiership ngokubhekana neSekhukhune United e-Orlando Stadium namuhla ngo-5.30pm. 

U-Ouaddou uthe kuningi akubonile okumchazile ngesikhathi iqembu lakhe lidlala owomkhumulajezi abona ukuthi lingakhela phezu kwakho njengoba lizoqala eyeligi. 

“Angiyena umuntu okunzima ukumjabulisa. Kuyiqiniso ukuthi ngilindele lukhulu kubadlali bami kodwa kwesinye isikhathi kuhle ukuthi ubabongele abantu, ukhulume izinto ezinhle," usho kanje. 

"Iqembu likhombise ukuhlangana, ikakhulukazi phambili lapho abadlali bebegijima khona ngokukhululeka.  Singathanda ukuqhubeka nokusebenza. Ngeke kube ngoba kuzobe kuwumdlalo ohlukile kodwa sifuna ukuzuza okuhle ngoMgqibelo nokuqala iligi kahle.”