Ezemidlalo Ibhola

OweBafana uwafuna ephelele kowokuvula weCHAN

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wasemuva weqembu leBafana bafana leCHAN, uWayde Jooste.

Image: BACKPAGEPIX

UKUBONA kusemqoka ukuthi bavule umqhudelwano ngokuqoqa amaphuzu aphelele uma sebebhekene ne-Algeria kowokuvula i-African Nations Championship (CHAN) ne-Algeria namuhla umdlali weqembu elizomela iNingizimu Afrika kulo mqhudelwano, uWayde Jooste.

IBafana izoqala lo mqhudelwano ngokugadulisana ne-Algeria emdlalweni kaGroup C ozoqala ngo-4 ntambama eMandela National Stadium edolobheni iKampala, e-Uganda.

Amanye amaqembu elakuleli eliqhathwe nawo kuleli qoqo yiNiger, Guinea ne-Uganda, esingethe lo mqhudelwano ngokubambisana neKenya neTanzania.

Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azozibekisela izindawo kwiLast 16, ehambisana namane azolala endaweni yesithathhu ngamaphuzu angcono.

“Ngicabanga ukuthi kumqoka kakhulu ukuqala kahle kunoma yimuphi umqhudelwano. Kubalulekile ukusheshe uthole amaphuzu ukuze ungazitholi usulandela ngemuva, usuthembele emiphumeleni yamanye amaqembu,” kusho uJooste ekhuluma nethimba labezindaba leSafa.

"Sifuna ukwenza kahle emdlalweni wokuqala, sizibeke ethubeni elingcono lokungena esigabeni somkhumulajezi. Uma singacosha amaphuzu amathathu kulo mdlalo kuzosusa umthwalo emahlombe ethu uma sesibheke kwelandelayo.”

Yize iBafana izobe idlala umdlalo wayo wokuqala, i-Algeria iwuqale ngegiya eliphezulu lo mqhudelwano ixebula i-Uganda ngo 3-0 ngoMsombuluko.

UJooste, ongomunye wabadlali abangu-15 abakulesi sikwati seBafana seCHAN abangenamaqembu, uthe lo mdlalo ubanikeze ulwazi oluningi ngokuthi bazobhekana nani ntambama.

"I-Algeria ifana nawo wonke amaqembu akhona kulo mcnintiswano, ikufanele ukuba lapha. Iyiqembu elihle kakhulu elingachithi isikhathi uma lihlasela. Sibahlaziye kahle. Ngenhlanhla sikwazile ukubuka omunye wemidlalo yabo futhi siyazi ukuthi yini okumele siyilindele kulo mdlalo,” uqhube kanje.

Umdlalo weBafana ne-Algeria uzolandelwa ngomunye kaGroup C phakathi kweGuinea ne-Uganda. IGuinea isinawo amaphuzu amathathu kulandela ukunqoba iNiger ngo 1-0 ngoMsombuluko.