Ezemidlalo Ibhola

Ezimbi kwaboSuthu ngonozinti olimele

Sibusiso Mdlalose|Published

UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, uveze ukuthi unozinti waleli qembu, uRichard Ofori, osalimele, angase ahlale amasonto amabili engadlali ngenxa.

 

Lo nozinti odabuka eGhana ulimale ngesikhathi eshayisana noSanele Barns emnyakazweni ogcine uyigoli esiwombeni sokuqala ngesikhathi AmaZulu edlala neStellenbosch FC emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8 eKapa ngeSonto. Indawo yakhe ithathwe ngu-Olwethu Mzimela obuya ekubolekisweni kwiDurban City. UMzimela ugxekwe kakhulu ngabalandeli ngamagoli amabili angene kuyena aholele ekukhishweni koSuthu ngo 3-2 kwiWafa Wafa. 

"Usalulama u-Ofori. Ngenxa yokuthi ushayeke ekhanda, kubukeka kuzomthatha amasonto amabili ukululama ngokuphelele. Nizokhumbula ukuthi walimala ngendlela efanayo naseRichards Bay (kwiKZN Premier's Cup), yingakho kuba kuseyinselelo ukululama kwakhe ngokushesha. Ukushayeka njalo komdlali ekhanda kugcina sekuwudala umonakalo," kuchaza uZwane ngesimo sokulimala kuka-Ofori. 

AmaZulu azibhekana ne-Orbit College emdlalweni wokuqala weBetway Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Kubhekwe isinqumo sikaZwane ngonozinti ozovimba kulo mdlalo. Ngaphandle kukaMzimela no-Ofori, omunye unozinti woSuthu nguDarren Johnson obevimbela iChippa United ngesizini edlule.