Ezemidlalo Ibhola

AbeDUT nesifiso sokuthuthuka kwiVarsity Football

Xolile Mpisane|Published

Iqembu leDurban University of Technology elizodlala kwiVarsity Football.

Image: SITHUNYELWE

LIHLOSE ukwenza kangcono kunesizini edlule iqembu labesilisa lebhola leDurban University of Technology (DUT FC) elizoqala umqhudelwano weVarsity Football.

Leli qembu okuyilona lodwa elimele izikhungo zemfundo ephezulu zaKwaZulu-Natal kulo mqhudelwano lizotholana phezulu neTshwane University of Technology (TUT) eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, namuhla ngo-6.30pm.

Kuzobe kungokwesibili lidlala kulo mqhudelwano, kwazise lalikhona nangonyaka odlule lapho ladlala khona ngokulingana kabili, lakhala ngaphansi kahlanu.

Ukaputeni waleli qembu, uXolani Mkhonza, ulindele ukuthi basebenzise izifundo abazithola kulo mqhudelwano ngesizini edlule, nethuba lokudlalela eminye imidlalo ekhaya.

“Ingcindezi kulo nyaka ingcono kunonyaka odlule. Siyakwazi okufanele sikulindele manje. Sesibonile ukuthi amaqembu amaningi adlala kanjani futhi ukudlalela imidlalo emithathu ekhaya kule sizini kuzosinika ithuba lokwesekwa abalandeli bethu,” kusho uMkhonza.

"Okunye okusiqinisayo ukuthi ingxenye yeqembu ngabadlali abanamava okudlala kulo mqhudelwano. Iqembu ngeke liholwe yimina nephini lami kuphela kodwa bakhona nabanye abadlali abazoliqinisa.

“Siyazethemba ukuthi sizokwenza kahle kulo mqhudelwano njengoba sinenhlanhla yokuholwa umqeqeshi uZipho Dlangalala onolwazi olukhulu.”

Ngaphandle kwe-TUT, iDUT izoncintisana namaqembu amele ezinye izikhungo zakuleli okubalwa kuzona i-University of Johannesburg (UJ), University of Pretoria (UP-Tuks), University of the Witwatersrand (WITS), Tshwane University of Technology (TUT), North-West University (NWU-Mahikeng), University of Free State (UFS) neCentral University of Technology (CUT).

Umqeqeshi uDlangalala uthe nakuba behlose ukuthole imiphumela engcono kule sizini, okusemqoka kakhulu wukuthi bathuthukise abadlali.

"Kubaluleke kakhulu ukuthi sikhumbule ukuthi leli yiqembu labafundi elikhethwe ngokulandela imithetho ye-Varsity Football. Abadlali abakuleli qembu abaqokwanga ngenxa yekhono lebhola kuphela kodwa nangenxa yokuthi bayathuthuka ezifundweni zabo," kusho uDlangalala.

“Iqembu likhombise ukukhula selokhu siqale ukuzilolonga, okuyinto ekhuthaza kakhulu. Ngikholwa wukuthi lesi yisikhathi sabo kanti thina nophiko lwezemidlalo lwaseDUT sikhona ukuzobalekelela ukuthi babe nohambo oluhle kulo mqhudelwano.

"Asizelanga ukuzoqhudelana nje kodwa sifuna ukuthuthuka. Indima yami ukusiza abadlali bakhule futhi nginesiqiniseko sokuthi indlela esihlele ngayo izokuvumela ukuthi kwenzeke lokho,” kuphetha yena.