UMQEQESHI wePolokwane City, uPhuti Mohafe, usabalisa ngokuhamba komdlali obeyisithenjwa sakhe, u-Oswin Appollis, osize i-Orlando Pirates ibakhipha kwiMTN8 ngempelasonto edlule.
U-Appolis osayiniswe yiPirates ngoJulayi esuka kwiPolokwane, udlale okokuqala ebhekene neqembu lakhe elidala ngenkathi liguqiswa ngeZimnyama 2-0 e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
Lesi sikhwishikhwishi somdlali wasophondweni lwesokunxele esishaye elinye lamagoli okunqoba, siqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo.
“Kuhlale kuyinto enzima ukulahlekelwa yilungu lomndeni, nami ngilahlekelwe yilungu lomndeni ku-Appollis. Ngakho ngisazilele ukuhamba kwelungu lomndeni elijoyine iqembu elikhulu. Engingakusho nje wukumfisela okuhle kodwa. Ushiye isikhala esikhulu eqenjini lethu futhi ngicabanga ukuthi kusazothatha isikhathi ukuvala isikhala sakhe,” kusho uMohafe.
U-Appollis oyibamba eqenjini lesizwe, iBafana Bafana, kumasizini amabili edlule ubeyisethenjwa kuleli qembu laseLimpopo alisize laqeda kwi-Top 8 amasizini elandelana.
UMohafe ucacise ngokungabonakali kwesinye isethenjwa saleli qembu, uThabang Matuludi.
“Sisenabadlali abalimele eqenjini okubalwa kubona uMatuludi (Thabang), uNkwe (Tlou), uChauke (Hlayisi) noDaniels (Raymond), bonke basalulama, siyethemba bazobuya maduze. Kodwa-ke abanye sibakhululile, engibala kubo uFrancious Baloyi.
Bakhona abadlali esibasayinisile engikholwa wukuthi bazokwenza umehluko eqenjini, bangene khaxa kule ndlela esifune badlale ngayo okuyiyona esiyisebenzisayo njengeqembu,” kuqhuba uMohafe.
Lo mqeqeshi ucacisa ngoMatuludi nje, kuphele isizini edlule sekusabalele amahlebezi okuthi ucathanyelwa ngamaqembu amakhulu aseGauteng, kwazise ungomunye wabadlali basemuva abashaye into ecokeme ngesizini edlule.
IPolokwane izovula isizini ka-2025/26 yeBetway Premiership ngokutholana phezulu neMagesi FC kowomkhaya baseLimpopo, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.