Ezemidlalo Ibhola

Ingcindezi kuNabi kuqala isizini yePremiership

Zakhele Xaba|Published

So far, so good Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

I-KAIZER Chiefs izoqala isizini yeBetway Premiership inengcindezi yokukhombisa abalandeli ukuthi ibhodwe ebeliphekwa ngesizini edlule, lesekwa ngezaba, selivuthiwe.

Amakhosi aqoke ukuyolungiselela isizini entsha eNetherlands lapho edlale khona imidlalo yobungani eyisihlanu namaqembu ahlukene. Lokhu kusize leli qembu lahlanganisa abadlali abasha nabadala okulindeleke ukuthi bakhiphe inqanawe ezojabulisa izigidi zabalandeli beChiefs ngesizini entsha. Emasontweni adlule, abalandeli bathole ithuba lokubuka iqembu okokuqala ngesikhathi libhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup elihlulwe kuwona kumaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. 

Njengoba imidlalo yePremiership izoqala ngempelasonto, akubuzwa ukuthi abalandeli beChiefs babheke lukhulu kumqeqeshi, uNasreddine Nabi, okunomuzwa wokuthi bakulungele ukumnika elinye ithuba. Nokho kungenzeka futhi ukuthi umusa wabo uphele emuva kwemidlalo eyisihlanu ezoyidlala yonke kule nyanga okukhona kuyona ezowudlala neMamelodi Sundowns ngo-Agasti 27. Emidlalweni eyisihlanu yeligi yokuqala, Amakhosi azobhekana neStellenbosch (Agasti 10), Polokwane City (Agasti 13), Richards Bay (Agasti 19), Sundowns (Agasti 27) neLamontville Golden Arrows (Agasti 30). Le midlalo kungenzeka icacise okuningi ngamathuba eChiefs esizini engcono nekusasa likaNabi obetshela abalandeli ngesizini edlule ukuthi usalipheka ibhodwe lakhe.

Ekhuluma nabezindaba muva nje, uNabi ukhombise ukuthi uyakuqonda ukuthi aphelile amahlathi. 

"Indlela esizobhekana ngayo nesizini ngokweligi, Nedbank Cup neCaf Confederations Cup wukuthatha umdlalo ngamunye senze konke okusemandleni ukuwina umdlalo," usho kanje kwabezindaba.

Amakhosi azobhekana neStellenbosch ngaphandle komunye wabadlali abamqoka, uPule Mmodi, ozoqedela isigwebo sekhadi elibomvu alithole ngesikhathi bebhekene neSekhukhune United emdlalweni weligi owandulela owokugcina wesizini ka-2024/2025. Lokhu kusho ukuthi lo mdlali uyoze abonakale uma iChiefs isibhekene nePolokwane City. Ngaphezu kwalokho, iChiefs izoqala isizini ngaphandle kwesitobha, uRushwin Dortley, okuvele ukuthi asikakulungeli ukubuyela ensimini kulandela ukuhlinzwa idolo ngoMashi. 

Nakuba kunjalo kodwa kubukeka sesiphelile isikhathi sezaba kuNabi. Okufunwa ngabalandeli yiqembu elihlangene, elidlala ibhola elihle, eliwina imidlalo. Okwengenza ingcindezi kaNabi yindlela izimbangi, i-Orlando Pirates, ezisayinise ngayo abadlali beqophelo eliphezulu asebefike bakhombisa ukuthi bazolenyusa iqembu, mhlawumbe limise kabi iSundowns embangweni wesicoco seligi.