BEKUBUKWA intokazi yaKwaZulu-Natal, uNonkululeko "Lefty" Mlaba, ngesikhathi iCricket South Africa (CSA) iklomelisa abadlali abenze kahle emdlalweni wekhilithi emcimbini obuse-Emperors Palace, eGauteng, ngoLwesine ebusuku.
UMlaba waseThekwini oyi-bowler yamaProteas esifazane neHollywoodbets Dolphins, ukhale wemuka nemiklomelo emine ebibhekwe ngabomvu okungowe-SA Women's T20 International Player of The Year, Women's Players' Player of The Year, Women's Best Delivery nowe-Women's Player of The Year. Ezintweni ezenze leli nxele lahlabana, ngama-wikhethi angu-12 eliwathathe emqhudelwaneni i-2024 T20 World Cup okulenze laqeda endaweni yesibili kwabathathe amaningi. Ngaphezu kwalokho, uMlaba uqophe umlando wokuba ngowesifazane wokuqala othathe amawikhethi angu-10 emdlalweni we-test ngesikhathi bebhekene ne-England ngoDisemba. Ukuhlabana kukaMlaba ngemiklomelo kumenza abe ngomunye wabadlali abazobe bebhekiwe emqhudelwaneni i-ODI Cricket World Cup ezoba se-India ngenyanga ezayo.
"Ngizwa sengathi ingcindezi iyanqonga kodwa ngizele yona lapha. Ngizokwenza konke okusemandleni ukusebenzela iqembu. Uma sizozama ukuwina iNdebe yoMhlaba futhi, ngizozama ngayo yonke indlela,"kufunga uMlaba ekhuluma ne-SABC.
Ngaphandle kukaMlaba, ukaputeni weProtes yabesilisa kwi-ODI nakwi-Test, uTemba Bavuma, uvune izithelo zokushaya u-200 ekhaya ngesikhathi bebhekene neSri Lanka ngoDisemba nangesikhathi bedlala nePakistan eKapa bezibekisela indawo kowamanqamu we-World Test Championship abagcine beyiwinile. UBavuma ugoduke nomklomelo we-Test Player of The Year nowe-SA Fans' Player of The Year.
Umklomelo womdlali ovelele kwabesilisa, utholwe nguKeshav Maharaj weProteas neHollywoodbets Dolphins. UMaharaj uthathe amawikhethi angu-40 phakathi kuka-Agasti 2024 noJanuwari 2025. Uqede engowesithathu kwabaphezulu ngokuthatha amawikhethi kwi-T20 World Cup kwabaMzansi.
Isikhulu esiphezulu seKZN Cricket Union, uHeinrich Strydom, sithe:" Siyaziqhenya kakhulu ngabawinile abaphuma emndenini weHollywoodbets Dolphins. Konke ukusebenza kanzima nokuzinikela kuthele izithelo futhi konke kunifanele ukuwina. Kumnandi ukubona abadlali bethu bebonwa njengabahamba phambili ezweni futhi lokhu uyasigqugquzela umfutho wabo. Sithemba ukuthi sizoqhubeka nalokhu ngesizini entsha."
Isiyonke imiklomelo yeCSA ihambe kanje:
International Men's Newcomer of the Year: Ottneil Baartman
Men's T20I Player of the Year: Anrich Nortje
Men's ODI Player Of The Year: Heinrich Klaasen
Men's Test Player Of The Year: Temba Bavuma
Men's Players' Player Of The Year: Kagiso Rabada
SA Men's Player of the Year: Keshav Maharaj
International Women's Newcomer of the Year: Ayanda Hlubi
Women's T20I Player of the Year: Nonkululeko Mlaba
Women's ODI Player of the Year: Annerie Dercksen
Women's Players' Player of the Year: Nonkululeko Mlaba
SA Women's Player of the Year: Nonkululeko Mlaba
SA Fans' Player of the Year: Temba Bavuma
Related Topics: