UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi "Bhodlela" Sibisi, ubheke ukuthi iqembu lakhe likhombise ngePolokwane City ukuthi kungani kulifanele ukuba ngompetha liphindelela kwiMTN 8
Image: BACKPAGEPIX
UKAPUTENI omusha we-Orlando Pirates uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi akawuboni uzomsinda lo msebenzi yize ekwamukela ukuthi mkhulu kunaye futhi akakaze aziphuphe ekulesi sikhundla, engasayiphathi eyokuba semabhukwini eZimnyama.
Ngesikhathi uSibisi esho lokhu kwabezindaba maphakathi nesonto kwethulwa ngokusemthethweni i-MTN 8, ukubeke kwacaca ukuthi bazoqala ukuvikela iWafa Wafa bengenakho ukucindezeleka ngoba ukuyidla kwabo amahlandla amathathu kulandelana kuyizinkomba zokuthi bayakwazi okufanele bakwenze.
IPirates ezobe idlala ngejezi eligqize ngomhlobiso okhombisa ukuthi iyona evikela isicoco, izokwamukela iPolokwane City emdlalweni we-quarterfinal kusasa ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
“Nakuba ngikwamukela ukuthi lo msebenzi enginikwe wona mkhulu kodwa kangizingabazi ukuthi ngizokwazi ukumelana nakho konke okudingekayo kuwona ukuze ngilandele abanye okaputeni bePirates abawenza ngempumelelo,” kusho uSibisi.
“Kuyangithobisa ukunikwa isikhundla esimqoka kangaka esikhungweni esikhulu njengePirates. Kuzoba wusizo ukuthi ngike ngabamba itoho kuwona kodwa okuhle kakhulu ngawo wukuthi kunesigungu esiwengamele, ngakho-ke ngiyazi ukuthi kangingedwa.
“Ngikhule ngiwumlandeli wePirates ngakho-ke ukuyihola yinto engingakaze ngiyiphuphe ngisho ngilele, ngingasayiphathi eyokuyidlalela,” kulandisa uSibisi.
Lo mdlali osematheni kulezi zinsuku kulandela ukuqokwa kwakhe njengomdlali wasemuva ovelele, iBetway Premiership Defender of the Season, uzosizwa nguMbekezeli “TLB” Mbokazi noThapelo Xoki ngokusho kwesitatimende esikhishwe yiPirates ngoLwesithathu.
USibisi usabheke ukuthi baqhubeke nokuba sesigungwini sokaputeni abadlali uSipho Chaine no-Olisa Ndah nabo abebewenza lo msebenzi ngaphambi kokuwagaxa emgibeni amakhokho kuka-Innocent Maela ngesizini edlule.
USibisi akayinikanga lutho iPolokwane ayichaze njengeqembu aziyo ukuthi lizozama kodwa ekugcineni yiPirates ezodlulela emzuliswaneni olandelayo weWafa Wafa.
“Isikwati sihlangene futhi sigqishe ngabadlali abasha bohlobo oluphambili. Umqeqeshi usekwenze konke abengakwenza ngakho-ke sekukithina ukuthi sikhombise ukuthi kungani sesiyiphinde kathathu kulandelana le nkomishi.
“Lo mdlalo uzocacisa okuningi ngokuthi sikuphi ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Siyaqonda ukuthi ngeke kubelula kodwa silungele ukubhekana nabo bonke ubunzima obuzoqala ngePolokwane. Yithina esizodlulela emzuliswaneni olandelayo noma kanjani,” kusho uSibisi.