Ezemidlalo Ibhola

OwoSuthu uvuma eyokushelwa yizinkunzi zaseSoweto

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI waMaZulu FC uRiaan Hanamub ebhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weBetway Premiership ngesizini edlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

Image: BACKPAGEPIX

INSIKA yomdlali waMaZulu FC, uRiaan Hanamub, ihlanze iqiniso ngendlela ezizwa ngayo ngokuthi namanje isesemabhukwini aleli qembu laseThekwini yize isishelwe iminyaka ngamaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika.

UHanamub (30) waseNamibia owafika kuMaZulu ngo-2022 esuka kwiChippa United usephenduke enye yezinsika zaleli qembu ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Uyena ozohola Usuthu njengokaputeni ngesizini ka-2025/2026 okuyisikhundla ebesiphethwe nguVeli Mothwa ochithwe yiqembu.

Ukugqama kukaHanamub kumphendule inyama emaqenjini amakhulu obekwenza ukuthi njalo uma kuvuleke iwindi lokushintshana ngabadlali kumasizini adlule abalwe nabamataniswa neKaizer Chiefs kumbe i-Orlando Pirates.

Ekhuluma nabezindaba maphakathi nesonto ngesikhathi kwethulwa i-MTN 8, uHanamub uphawule ngesimo sakhe wabuya nganeno, ezeseka ngokuthi umqondo omuhle wukugxila emdlalweni wabo we-quarterfinal yeMTN 8 neStellenbosch FC ngeSonto ngo-3 ntambama, eCape Town Stadium.

“Umsebenzi wami (njengomdlali) wukuqhubeka nokuqinisekisa ukuthi umgqigqo wami kawehli uma nginikwe ithuba lokuba senkundleni nokwamukela ukuthi ebholeni konke okwenzekayo yingoba kusuke kunesizathu,” kusho uHanamub.

“Kukhona ukuxhumana okuke kwabakhona phakathi kwami nala maqembu owabalayo (Chiefs nePirates) kodwa akukho okuningi engingakusho ngoba kwagcina kungenzekanga lutho. Izizathu zalokho angiboni kuyisikhathi esikahle sokukhuluma ngazo.

“Ngiyavuma futhi ngiyakwamukela ukuthi njengabo bonke abadlali nami nginalo iphupho lokudlalela amaqembu athathwa njengamakhulu.

“Kumqoka nokho ukuqhakambisa ukuthi kuMaZulu ngizizwa ngisekhaya ngayo yonke indlela kusukela ngafika kuze kube yinamuhla."

Akavumanga ukuthi baya emdlalweni wabo neStellies benegqubu kwazise ibakhiphe kwiCarling Knockout ngesizini edlule.

“Kufana nokudlala ngesikhathi ukubamba igqubu ebholeni ngoba yonke imidlalo ihlukile. Siyazi kuzoba nzima eKapa kodwa siphumule kahle, neqembu lathola nethuba elikahle lokubumbana eLimpopo, ngakho-ke konke kumi ngomumo.

“Irekhodi leStellenbosch liyazikhulumela kuyona yonke imiqhudelwano kodwa nathi sibona ithuba lethu lokuxwayisa wonke amaqembu azoma phambi kwethu kule sizini ukuthi azibambe ziqine,” kusho uHanamub.