Ezemidlalo Ibhola

Uyalelwe ukuhoxa ebholeni unozinti weBafana ohlaselwe yisifo esingajwayelekile

Zakhele Xaba|Published

ASENGCUPHENI yokushabalala amaphupho kanozinti waseNingizimu Afrika, uJethren Barr, oyalelwe ngodokotela ukuba ahlale unyaka engalidlali ibhola ngenxa yokugula.

UBarr (29) osaphethe irekhodi lePremier Soccer League (PSL) likanozinti omncane (17) kunabo bonke selokhu yasungulwa le nhlangano ngo-1996, wakhulela enkulisa yeBidvest Wits ngaphambi kokuzakhela igama kwiMaritzburg United. Ngo-2021 wasayiniswa yiPortadum yase-Ireland adlale kuyona waze wabizelwa esikwatini seBafana Bafana esadlala kwiCosafa Cup. Nyakenye usayine kwiDrogheda United yakhona e-Ireland.

Izolo, uBarr waseThekwini ubhale ekhasini lakhe le-Facebook ukuthi usephoqekile ukuma ebholeni ngenxa yesifo esingajwayelekile esimngenile esaziwa ngeMyalgic Encephalomyelitis (ME) noma iChronic Fatigue Syndrome (CFS) esidala ukuthi umzimba ukhathale ngokweqile.

Ethintwa yiSolezwe, uzwakalise ukuphatheka kabi ngalokhu kugula, wathi usehlale izinyanga eziyisithupha engalidlali ibhola.

"Ngiqale ukugula ngasekupheleni kwesizini edlule kuze kwaba yile sizini. Lesi yisifo esingajwayelekile esidala ukuthi umzimba ukhathale ngendlela engachazeki, ngehluleke ngisho wukuhamba. Ngihambe odokotela abahlukene kodwa lesi sifo sigcine sitholwe ngowase-London. Bengilokhu ngiba ngcono izinsuku ezimbili, emuva kwalokho ngigule eziyisihlanu kwazise bengizama ukubuyela enkundleni ngoba kukhona amaqembu angifunayo," kusho uBarr ese-Ireland.

"Ngizwile ukuthi bakhona nabanye abadlali abayisihlanu abahlaselwa yilesi sifo phambilini kodwa abane babo bagcina beliyekile ibhola. Angazi noma ngisazobuyela yini ebholeni kodwa nginalo ithemba. Bakhona abantu abangiqinisayo abangesekayo nabangikhulekelayo."

Ukugula kukaBarr kungase kusho ukushabalala kwamaphupho akhe okuwukudlalela iBafana nokuvimbela iKaizer Chiefs aphumela obala eminyakeni edlule ngokuthi ufisa ukugijima kuyona. 

"Ngiyajabula ukuthi ngakwazi ukudlalela iBafana kwiCosafa futhi ngenza kahle. Ngiyakwamukela okwenzekayo ngoba konke enginakho ngikuzuze ngalo ibhola. Inkinga wukuthi ngizoyenza kanjani imali. Kunzima. Ngizohlala unyaka ngingadlali. Abantu abasindayo kulesi sifo abahlalayo bengenzi lutho. Lokhu kuphambene nami ngoba ngithanda ukugijima nokujima ngaso sonke isikhathi. Bengilokhu ngikhuleka ngibuza uMdali ukuthi kungani kwenzeka kanje kodwa impendulo engiyitholile wukuthi lokhu kuzoba yingxenye yohambo lwethu. Angikwazi ukukhala ngoba ngaqala ibhola ngineminyaka engu-17 ngenxa yakhe uMdali. Ngineminyaka engu-15 ngidlala ibhola," kusho uBarr.