Ezemidlalo Ibhola

Uvalo ngecala elisikaza ukuqala kwesizini yePSL

Mthokozisi Mncuseni|Published

UKUVUNWA yisinqumo sikamahluleli weSouth African Football Association (Safa) kweCape Town City kuqubule ungabazane ngokuqala ngesikhathi kwesizini entsha yesigaba esikhulu sePremier Soccer League (PSL).

Kubikwa ukuthi amaCitizens, agencwe yizembe kulandela ukuhluleka kwawo ukuzihlenga kweyokuhlunga enqotshwe yi-Orbit College, amangalela iMarumo Gallants ngokubhaliswa ngendlela eyisinxele komdlali, uMonde Mphambaniso.

Nakuba imininingwane ingacwele okwamanje kodwa kuvela ukuthi leli qembu likaJohn Comitis livunwe yisinqumo ngoMsombuluko osekuvula uphawini wokuthi siqale uphenyo isigungu sePSL esiqondisa ubugwegwe.

Indaba ithinta ukuthi uMphambaniso odlale kweyeligi engu-26 ngesizini edlule, wabhaliswa ngendlela engaqondile ngesikhathi iGallants idayiselana neLeruma FC osekungumlando ukuthi idliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Yize kulindelekile ukuthi i-PSL ngeke iphawule okwamanje ngalokhu kodwa ukuvunwa yicala kwamaCitizens kuzobe kusho ukuthi iGallants izophucwa wonke amaphuzu ewaqoqe kukhona uMphambaniso enkundleni (28) okuzoyibeka endaweni ka-15 kwi-log yeligi enamaqembu ayengu-16 ingakaxoshwa iRoyal AM.

Umbuzo omkhulu uthi, ngabe leli cala ngeke yini liphazamise ukuqala kwesizini entsha yePSL ezovula ngomdlalo we-quarterfinal yeMTN 8 phakathi kwe-Orlando Pirates nePolokwane City ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.

Kubanjwe umoya esigabeni esikhulu sePSL nje, nakwesisiphakelayo kuyafana ngenxa yawo amacala. Yize iMidlands Wanderers, The Bees neGomora United kuyibona abaqinisekisiwe ukukhuphukela esigabeni esingaphezulu kodwa alikapheli icala elifakwe yiSinenkani FC yase-Eastern Cape.