Ezemidlalo Ibhola

UMbuthuma uzifake enhliziyweni yomqeqeshi wePirates

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMGADLI omusha we-Orlando Pirate, uYanela Mbuthuma, obukeka sengathi useqalile ukuzifaka enhliziyweni yomqeqeshi omusha waleli qembu, u-Abdeslam Ouaddou

Image: ORLANDO PIRATES FACEBOOK

UKUBA "yingane ethumekayo" kwesiphekepheke esisha se-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma, kubukeka kusitholele indawo enhliziyweni yomqeqeshi omusha waleli qembu, u-Abdeslam Ouaddou, ongawuvali umlomo ngaso.

Emidlalweni emine iPirates eyigjime namaqembu ahlukene njengoba ibizilungiselela ukuqala kwesizini yeBetway Premiership eSpain, cishe bonke abadlali abasha banikiwe ithuba lokuziveza kumqeqeshi.

Abagadli okubalwa kubona uSinoxolo Kwayiba noMbuthuma (23) banikwe ngokwahlukana kwabo ithuba lokuthatha iso lika-Ouaddou naye omusha emsebenzini.

Kweminye yale midlalo yaseSpain, u-Ouaddou ubophele ngesikhathi esisodwa enkundleni u-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa okuyinto ebingajwayelekile ngesikhathi sikaJose Riveiro angene endaweni yakhe.

Okusobala ngalokhu wukuthi u-Ouaddou unezindlela eziningi zokudlala futhi ezehlukile kwezikaRiveiro owine izicoco eziyisihlanu nePirates kusukela-ngo 2022 kuze kube yisizini edlule.

Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba lePirates ngosuku lokugcina ngaphambi kokubuya eSpain, u-Ouaddou uthinte eyabadlali abamhlabe umxhwele kodwa wagqamisa uMbuthuma njengomunye wabakhombise izimpawu zokuwabamba ngokushesha amaqhinga akhe.

Kowokuqala eSpain, iPirates ikhale ngaphansi ngo 2-0 kwiBolton Wanderers edlala kuChampionship wase-England. Lowo mdlalo ulandelwe owePafos FC yaseCyprus ophele ngo 1-1 nowe-UD Las Palmas (0-0) ngaphambi kowokusonga ewunqobe ngo 2-0 kwiFC Granada.

“Ukungaziniki ithuba ebholeni izitobha uma ziliqala emuva kungenye yezikhali iPirates ezothembela kuzona ngaphansi kwesandla sami,” kusho u-Ouaddou.

“Kunzima ukungakuqapheli ukuthi uMbuthuma uwenza kahle kangakanani lo msebenzi okunzima ukuwenza ngoba kudingeka amandla.

“Kuyajabulisa ukubona umdlali eyithatha injengoba ijalo imiyalelo omnika yona. Unekhono lokuxina izitobha nonozinti uma bezama ukuqala ibhola emuva okuyindlela yokudlala yamaqembu amaningi ngakho-ke uzoba ngomunye wabamqoka kithina."

Akwethusi lokhu okushiwo u-Ouaddou ngoMbuthuma owavumbululwa yiRichards Bay FC kwiKhabba Cup eminyakeni edlule kwazise nakwiNatal Rich Boyz ubezihlupha izitobha ngejubane lakhe uma ziliqala emuva.

Ngokusho kuka-Ouaddou, iPirates ifuna ukuba yiqembu eliligcinayo ibhola kodwa futhi uma lisezitheni ufuna kungapheli ngisho umzuzu lingabuyelile ngakuyona.