KUNXUSWE abalandeli beKaizer Chiefs ukuba bangayifaki ekhanda imiphumela yemidlalo yokuzicijela ukuqala kwesizini entsha ngoba lokhu kungadala uqhekeko olungenasidingo kule sizini ezoqala njengoba Amakhosi ehlele ukuphendula amatafula kwiligi nakwiCaf Champions League.
Lesi sicelo umqeqeshi waleli qembu laseNaturena, uNasreddine Nabi, usenze kulandela ukuguqa kwezakhe ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi kwi-Asante Kotoko yaseGhana koweToyota Cup ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo weKotoko, iChiefs ekhombise kuwona izimpawu zokuhlangana kangcono, bekungowesithupha kusukela leli qembu liqale ukuzilungiselela ukuqala kwesizini eNetherlands.
Akulula ukuziba ukuthi kule midlalo eyisithupha iChiefs iphumelele ukunqoba owodwa kwi-PEC Zwolle.
Nakuba kubukeka sengathi bangena khaxa esitayeleni abadlali okubalwa kubona uNhlakanipho Shinga, Sibusiso Ndlovu noThabiso Monyane kodwa kukhona okusenongabazane ngabo okunguFlavio Silva owuqalile oweToyota Cup kodwa wangabuya esiwombeni sesibili.
IChiefs bekufanele iwunqobe ungakafiki kumaphenathi lo mdlalo kwazise ithole iphenathi sekusemseni kanondweba kodwa u-Inacio Migule wayibeka eceleni kwepali.
Kube nguyena futhi lo mdlali wase-Angola ogeje iphenathi ebiqinisekisa ukuthi iChiefs iyaguqa kwiToyota Cup njengoba kwenzeka nangonyaka odlule.
Emuva komdlalo, uNabi uzamile ukubalekela imibuzo yabezindaba esithangamini abenaso nabo kodwa kwasho khona ukuthi bamvalela ekhoneni.
“Kasikho isidingo sokungixina ngombuzo wemiphumela yemidlalo yethu kusukela siqale ukuzilungiselela isizini entsha ngoba yonke eyobungani,” kusho uNabi.
“Okumqoka wukuthi thina njengethimba labaqeqeshi sibonani kule midlalo. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi iChiefs izobangcono kule sizini kunangedlule.
“Engikufisayo wukuthi abalandeli bangagxili ekutheni sithola hlobo luni lwemiphumela kepha babheke ukuthi iqembu lizobe lingcono kunangesizini edlule.
“Ngenelisekile njengomqeqeshi, ngakho-ke amaphaphu phansi kubalandeli. Ngiyazi ukuthi ukuwina kwiKotoko bekuzobajabulisa kodwa ngithi kubona abalinde siyeza isikhathi senjabulo."
Lo mqeqeshi waseTunisia akaphumelanga obala ngesikhathi ebuzwa ngamathuba ezakhe okugudluza iMamelodi Sundowns embangweni wesicoco.
“Angifuni ukuthembisa okuningi kepha sihlele ukuyihlelela ngakho konke esinakho yonke imidlalo, hhayi kwiligi kuphela kodwa nakweminye imiqhudelwano okuhlanganisa neConfed Cup.
“Asiqedile emakethe yabadlali kepha sifuna ukuthi uma singena kubonakale ukuthi ligaya ngomunye umhlathi kwiChiefs,” kusho uNabi sakuthembisa abanye abadlali.