Ezemidlalo Ibhola

Kuphinde kwagiya uMulaudzi kowe-Absa Run Your City

Sibusiso Mdlalose|Published

 YIZE ehlulekile ukwephula irekhodi lika-10km laseNingizimu Afrika kodwa uKabelo Mulaudzi ophinde wadla umhlanganiso kwi-Absa Run Your City Durban 10km, ujabule ngokunqoba lo mjaho ihlandla lesibili nonyaka. 

UMulaudzi (27) weBoxer Athletics Club udle ubhedu kwi-Absa Run Your City Durban 10km izolo eThekwini ngesikhathi sika-27:41 eshiya uKamohelo Mofolo waseLesotho othathe isibili ngesikhathi sika-27: 47. Endaweni yesithathu kungene uVincent Kipkorir waseKenya ngesikhathi sika-27:48.

UMulaudzi wehlulwe yirekhodi lika-27:28 ku-10km eliqoshwe wu-Adriaan Wildschutt ngo-Ephreli kwi-Absa Run Your City Gqeberha 10km, eGqeberha.

Kwabesifazane umhlanganiso udliwe wuClare Ndiwa waseKenya obeqala ukuwugijima lo mjaho ngesikhathi sika-30:50, isibili kwaba uJanet Mutungi waseZimbabwe ngo-30:53. Endaweni yesithathu kungene uJesca Chelangat ngo-30:58.

UGlenrose Xaba obethwelwe ngeqoma kwabesifazane, ulale isihlanu ngesikhathi esingu-31:53.

“Ngijabule kakhulu ngokunqoba lo mjaho, kodwa isivinini somjaho besiphansi emzuliswaneni wokuqala ebangeni lika-6km okuyikhona okwenze kwaba nzima ukuthi ngikwazi ukuphula irekhodi lika-27:28 lika-Adriaan Wildschutt. Noma kunjalo kodwa ngijabule ngokwenza isikhathi esingcono kunalesi engisenze eKapa,” kusho uMulaudzi.

Lo mgijimi odabuka e-Alexandra, eGoli, ubevele eze kulo mjaho ebalwa nabathwelwe ngeqoma njengoba enqobe umlenze waseKapa ngoMeyi. 

“Sengibheke eminye imijaho elandelayo okubalwa kuyona iHollywoodbets Athletics 10km neCape Town Marathon. 

Kodwa ngonyaka ozayo ngizimisele ngokubuya kulo mjaho waseThekwini, ukuzokwenza kangcono.”

UNdiwa uthe: “Kusho lukhulu kimina ukunqoba lo mjaho ikakhulukazi njengoba bengiqala ukuwugijima. Bewungelula umzila kodwa ngikwazile ukwenza kahle futhi ngizimisele ngokubuya ngenze kangcono."

UXaba obeze kulo mjaho ethwelwe ngeqoma, uthe: “Ukushintsha komzila yikhona okungiphazamisile, futhi kwenze umjaho wahamba kancane kunokujwayelekile. Kanti nomzimba wami ubungavumi ukuhambisana nesivinini somjaho. Kodwa-ke akukona ukuphela komhlaba, ngisazoqhubeka ngizame ukwenza kahle kweminye imijaho elandelayo."

I-Absa Run Your City Series egijinywa emadolobheni amahlanu okuyiGqeberha, iKapa, iTheku, iPitoli neGoli, umlenze wayo olandelayo uzoba sePitoli ngo-Agasti 24, owokugcina uzoba seGoli ngoSepthemba 24.