Ezemidlalo Ibhola

IChiefs ayikaqedi emakethe yabadlali:Motaung

Mthokozisi Mncuseni|Published

IKAIZER Chiefs isazongena igamanxe emakethe yabadlali ngenhloso yokuqhubeka nokuqinisa isikwati sayo ukuze ingeke isawudedela umgqigqo ewubambe ngokudla iNedbank Cup eqede ngayo isomiso sezindebe seminyaka eyishumi. 

Lesi yisethembiso esenziwe nguJessica Motaung ongesinye sezikhulu eziphezulu kuleli qembu ngesikhahti ekhuluma nabezindaba izolo eNaturena kulandela ukwethulwa ngokusemthethweni umswenko wesizini ka-2025/2026 ezinkundleni zokuxhumana.

IChiefs ibalwa namaqembu avele asesiqinisile isikwati kwazise iwelele eNetherlands lapho ibizicijela khona ukuqala kwesizni yeBetway Premiership seyengeze ngabadlali abayisithupha.

Kulaba badlali kukhona u-Ethan Chislett, Flavio Silva, Nkanyiso Shinga, Paseka Mako, Thabiso Monyane noSiphesihle Ndlovu yize yena ebengahambanga neChiefs ebuye eNetherlands ngempelasonto edlule.

Kulaba badlali abasha, bakhona ababukeka sebeyitholile indawo ezinhliziyweni zabalandeli kodwa kukhona okusenongabazane ngabo.

NgokukaMotaung, asikho isidingo sokuba novalo kubalandeli ngoba iqembu lisazotheza ezinye izinduku ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

Baningi abadlali bohlobo oluphambili abamataniswa neChiefs njengoPercy Tau ongenaqembu, Mihlali Mayambela odlalela elaseCyprus, Khanyisa Mayo ogijima kwiCR Belouizdad yaseTunisia noLebohang Phiri ozakhele udumo emaqenjini ahlukene aseFrance. 

“Njengoba nejezi lethu elisha likhombisa ukuthi sesiyilungele impi, nakanjani sisazokwengeza kubadlali esivele sibasayinisile.

“Ithimba elibhekene nokuqinisa isikwati limatasa ngalokho kumanje kanti njengoba iwindi lokushintshana ngabadlali liyoze livalwe maphakathi noSepthemba abalandeli abalindele ukuthi iqembu labo lisazotheza," kusho uMotaung.

“Kuningi okuhle okwenzeka ngaphakathi eqenjini, ngakho-ke sikhuthazekile okuyinto eyenza singabe sisakwazi ukulinda ukuqala. Asizimisele ngokudedela umgqigqo wethu nokuzethemba okusibuyele ngokuwina iNedbank Cup.

“Eqhulwini kokusikitaza kakhulu kulezi zinsuku yindlela abenze kahle ngayo eNetherlands abafana beDStv Diski Challenge (DDC) ebesihambe nabo. Lokhu kubuyisa ithemba ngosikompilo lweChiefs lokwaziwa ngokuzikhulisela abadlali bohlobo oluphambili. Akukuningi engingakusho kubalandeli ngaphandle kokuthi abalinde kancane, iChiefs isazongena igamanxe emakethe yabadlali."

Lesi sikhulu sikhuluma eyabadlali nje, izolo kuvele imibiko yokuthi iCape Town Spurs, egawulwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship, imangalela iChiefs okuthiwa ithathe abadlali bayo ababili okungu-Asanele Velebayi noLuke Baartman. Leli qembu kuthiwa limangalela naMaZulu athathe uLiam Bern.

Mayelana nejezi uMotaung uthe: “Ligqize ngemibala nemidwebo yase-Afrika okungenye yezindlela zokubungaza ukuthi iqembu lineminyaka engu-55 lasungulwa kuleli zwekazi.

“Kuqondane kahle njengoba ngesizini ezayo lizobe liyingxenye yeCaf Confederation Cup."