Ezemidlalo Ibhola

UNabi akafuni ukuphinda amaphutha ngenjejane yeChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABADLALI abasebancane beKaizer Chiefs, uMfundo Vilakazi noMduduzi Shabalala, umqeqeshi uNasreddine Nabi angafuni bathweswe umthwalo onzima kule sizini

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, akafuni ukuphinda iphutha langesizini edlule lokuthwesa injejane yaleli qembu laseNaturena ijoka ngokubheka kuyona imiphumela encomekayo ngoba ububonile ubungozi balokho sekuyophela isizini edlule.

UNabi ukusho lokhu ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, izolo ntambama, lapho iqembu lakhe belizilula khona ngaphambi komdlalo weToyota Cup ne-Asante Kotoko yaseGhana namuhla ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ukubhimba kohlelo ngasekuqaleni kwesizini edlule kwaphoqa uNabi ukuthi akhombise izimpawu zokuthembela kubadlali ababevela enkulisa yeChiefs esingabala kubona uMduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi noWandile Duba.

Lesi senzo sikaNabi saze sahlatshwa nawuManqoba Mngqithi owayesaqeqesha iMamelodi Sundowns ngaleso sikhathi, evuma ukuthi laba badlali baseqophelweni eliphezulu yize bebancane, kodwa wakhala ngokuthi amahlombe abo mancane ukuthwala iqembu elikhulu njengeChiefs.

UNabi utshele abezindaba ukuthi weneme ngendlela iChiefs etheze ngayo yize ingakaqedi kodwa kulokhu akafuni ukuthwalisa abafana abancane ijoka.

“Sekuyophela isizini edlule abadlali abafana noShabalala bese behhewulwa ngoba behlelwe yifomu kodwa abantu bayakhohlwa ukuthi wayesenzelani ngemidlalo yokuqala,” kusho uNabi.

“Ngeke ngilenze iphutha elifanayo kulokhu ngoba ngibonile isiyophela isizini (edlule) ukuthi bese behlile ngenxa yomthwalo esabanika wona ekuqaleni. Okuningi kuzocaca koweKotoko yize siya emdlalweni ngenhlonipho.

“Ngineme ngendlela iqembu eliqinise ngayo isikwati kanti nginethemba lokuthi zikhona ezinye izibabuli esisazoqinisa ngazo,” kusho uNabi.

Emidlalweni yobungani iChiefs eyidlale eNetherlands muva nje iguqe ngo 2-1 kwiVitesse FC, FC Utrecht ngo (4-0), NEC Nijmejen (1-0), yawina kwiPEC Zwolle ngo 1-0. Kowokugcina ishaywe yiFC Twente.

Nakuba iChiefs ikhale ngaphansi kwemine yale midlalo kodwa kunabadlali abaphakamise isandla baziveza kumqeqeshi kuNabi ukuthi bayayiqonda indlela afuna iChiefs idlale ngayo nokuthi sebekulungele ukusabela uma ebheka ngakubona.

Abadlali abafana noGaston Sirino, Thabo Cele no-Inacio Miguel bafike eNetherlands baqhubeka lapho begcine khona kwazise nangesizini edlule bebevele begqamile kuleli qembu.

Nakuba kunjalo kodwa abadlali esingabala kubona u-Aden McCarthy, Thulani Mabaso, Thabiso Monyane, Nkanyiso Shinga noNaledi Hlongwane bakhombise uNabi ukuthi kumele abacabange uma esehlela isikwati azodlala ngaso ngesizini ka-2025/2026.