UMDLALO weToyota Cup ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Asante Kotoko yaseGhana uzomnikeza ithuba lokuzifaka kubalandeli umgadli omusha waMakhosi, uFlavio Silva, kwazise kuneqeqebana eselikhombisa ukuwangabaza amagalelo akhe ngenxa yendlela adlale ngayo ekhempini eNetherlands.
USilva (29) onobuzwe basePortugal nobaseGuinea-Bissau, ufike kabi kwiChiefs ngesikhathi abalandeli bengabaza kwasani abalunikwa yiqembu ikakhulukazi uma kungumgadli wangaphandle.
Kumasizini adlule iChiefs yehluleke kaningi ukuthola umgadli weqophelo eliphezulu okwenza kube lula ukuthi abalandeli banake konke okungekuhle okwenziwa nguSilva.
Njengoba iChiefs kade iseNetherlands lapho ibizicijela khona ukuqala kwesizini, uFlavio akazange awabone nakanye lapho egxunyekwe ngakhona amapali.
Amagoli eChiefs emidlalweni emihlanu eNetherlands ashaywe nguReeve Frosler, Inacio Miguel noNaledi Hlongwane.
Okukhalise kakhulu abeChiefs ezinkundleni zokuxhumana, yindlela uSilva anyakaza ngayo uma esebhokisini nashayela ngayo ipali abayichaza njengenokukhathala.
Kunzima nokho ukuziba ukuthi vele lo mgadli akakaze angene khaxa ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs ngenxa yeligi yase-Indonesia engeyona ekhokhelayo ngokugcwele lapho Amakhosi emlande khona kwiPersabaya Surubaya.
Muva nje, Isolezwe likhulume noMarks Maponyane ngalo mgadli ngesikhathi iChiefs iseNetherlands, wamcebisa ngokuthi kufanele abhakuzise inethi kuyona le midlalo , angazithambisi ngoba ethi ngeyobungani.
Abalandeli beChiefs bajwayele abagadli bohlobo oluphambili esingabala kubona yena uMaponyane, Collins Mbesuma noKnowledge Musona abashaya inqwaba yamagoli eminyakeni edlule.
Baningi abagadli abafike kwiChiefs lilikhulu isasasa ngabo kodwa kwangaphela kahle okubalwa kubona uRanga Chivaviro ohambe esenuka iqaqa kubalandeli.
“Okufanele akwenze wukubhakuzisa inethi athule phansi. Abalandeli bazokhohlwa yiyo yonke imicabango emibi abebenayo ngaye phambilini,” usho kanje uMaponyane sakuyala uSilva.
Ngeke kwaphikiswa okushiwo nguMaponyane ngoba uma uSilva engafika ngoMgqibelo awinise iChiefs kwiKotoko ngo-3 ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kungaba nzima ukuthi baqhubeke nokumngabaza abalandeli.
Ngesikhathi iChiefs yethula ijezi layo langesizini ezayo, uJessica Motaung oyisikhulu esiphezulu ubuziwe ngokugqoza kwamagoli kuSilva kusukela efikile.
“Okumqoka wukuthi abalandeli bakhumbule ngaso sonke isikhathi ukuthi sisazicijela ukuqala kwesizini ngakho-ke abakwazi ukwahlulela abadlali,” kusho uMotaung.
“Engikucelayo wukuthi banike uFlavio ithuba elanele lokujwayela konke okusha kuyena. Akuyena yedwa odinga lokhu kepha baningi okuhlanganisa nabo abalandeli okuwumsebenzi wabo ukwenza abadlali abasha bazizwe besekhaya."