UZOKHUMBUZA abalalandeli izinsuku zenjabulo umdlalo wezinkakha zeKaizer Chiefs nezaKwaZulu-Natal ozobhulela amazolo obhekwe ngabomvu weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
IChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana koweToyota Cup lapho Amakhosi ezogijima khona ngabadlali abasha okokuqala phambi kwabalandeli bayo. Kulaba badlali kukhona uSiphesihle Ndlovu obedlalela iSuperSport United, Nkanyiso Shinga okhulele kwiZN Academy noThabiso Monyane obeyibamba kwi-Orlando Pirates. IChiefs kade isekhempini eNetherlands lapho idlale khona imidlalo yobungani.
Umdlalo weChiefs neKotoko uzovulelwa ngowezinkakha zaMakhosi nezaseKZN, iZulu Kingdom Legends. Iqembu leChiefs lithakwe ngezinkakha ezawina inqwaba yezicoco naleli qembu eminyakeni edlule ezazithandwa ngabalandeli okubalwa kuzona uCollins "Ntofontofo" Mbesuma, David Radebe, Brian Baloyi, Cyril Nzama, Tinashe Nengomasha, Siphiwe Tshabalala, Reneilwe Letsholonyane, Siyabonga Nomvethe nabanye. Namanje laba badlali baseyintandokazi kubalandeli beChiefs. Akubuzwa ukuthi ukubabona enkundleni ngoMgqibelo kuzobuyisa izinsuku zenjabulo lapho Amakhosi ayaziwa ngokuqoqa izindebe ebholeni laseNingizimu Afrika. Ngesizini ka-2024/2025, iChiefs iqede indlala yeminyaka eyisishiyagalolunye ngokuwina iNebank Cup yehlula izimbangi i-Orlando Pirates eMabhida.
Iqembu lezinkakha laseKZN nalo ligqishe ngenqwaba yabadlali abanyakazisa iNingizimu Afrika eminyakeni eyedlule. Kulaba badlali kubalwa uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni owayengukaputeni we-Orlando Pirates, Thanduyise Khuboni owadlala koweNdebe yoMhlaba ka-2010 eMzansi, Sibusiso Zuma owadlala iminyaka eDenmark esuka kwiPirates, Njabulo Manqana wodumo kwiLamontville Golden Arrows eyawina iMTN8 ngo-2009 noPhumlani Mkhize owadlalela zombili izinkunzi zaseSoweto okuyiChiefs nePirates.
Isikwati sezinkakha zeChiefs simi kanje:
Onozinti: Brian Baloyi, Brilliant Khuzwayo
Abasemuva: Cyril Nzama,Tefu Mashamaite, Morgan Gould, Tsepo Masilela, Derrick Spencer, Tinashe Nengomasha, Willard Katsande
Abasesiswini: Siphiwe Tshabalala, Reneilwe Letsholonyane, Doctor Khumalo, Thuso Phala, Stanton Fredericks, Mandla Masango, Josta Dladla
Abagadli: Siyabonga Nomvethe, David Radebe, Colins Mbesuma
Umqeqeshi: Thabo Mooki
Iphini lomqeqeshi: Lucas Radebe
Isikwati sezinkakha zaseKZN simi kanje:
Onozinti:Thokozani Ndlovu, Siyabonga Mbatha
Abasemuva:Siyanda Zwane, Musa Mntakwenda, Siyabonga Sangweni, Bryce Moon, Japhet Zwane, Simphiwe Vezi, Thanduyise Khuboni, Tshepo Ntsoane, Mlungisi Masinga
Abasesiswini:Delron Buckley, Njabulo Manqana, Philani Kubheka, Manqoba Mkhize, Ntokozo Sikhakhane
Abagadli: Sibusiso Zuma, Phumalani Mkhize, Sandile Ndlovu, Sthembiso Ngcobo
Umqeqeshi: Howard Freese - Coach
Iphini lomqeqeshi: Mlungisi "Professor" Ngubane
Related Topics: