UTHABO Cele weKaizer Chiefs ofuna leli qembu laseNaturena likhombise nge-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup ukuthi selikulungele ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
KUNOMUZWA wobumbano ongafani nowangesizini edlule ekhempini yeKaizer Chiefs eqedela amalungiselelo okuqala kwesizini entsha ngomdlalo weToyota Cup ezowudlala ne-Asante Kotoko yaseGhana kusasa ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lokhu kushiwo wuThabo Cele ofike maphakathi nesizini edlule kwiChiefs kodwa osephenduke enye yezinsika zaleli qembu laseNaturena ngaphansi kobuholi bomqeqeshi, uNasreddine Nabi ozoqala isizini yakhe yesibili.
IChiefs iseThekwini kusukela maphakathi nesonto lapho yenza khona amalungiselelo okugcina eToyota Cup esibuya okwesibili eNingizimu Afrika. Kweyokuqala, iChiefs yaxetshulwa yiYoung Africans SC yaseTanzania ngo 4-0 eFree State Stadium, eBloemfontein nyakenye.
Ngokusho kwabaxhumene naleli qembu abaxoxa neSolezwe, izinkinga eziningi zaqala ngalelo langa eNaturena.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba laMakhosi, uCele uzwakale egcwele ukuzethemba ngenxa yokubumbana akubona kozakwabo ekhempini.
“Kithina kufana nokuthi siqala isizini ngeToyota Cup ngoba siyabuqonda ubumqoka bokuqala ngonyawo oluhle ukuze konke kkwenzeke ngendlela esifisa ngayo,” kusho uCele.
IChiefs engeke iyidlale i-MTN 8 nakule sizini, isanda kubuya eNetherlands lapho ibicijela khona ukuqala kweBetway Premiership. Izovula ngomdlalo wasekuhambeni ngo-Agasti 10 neStellenbosch FC.
Kulolu hambo lwaseNetherlands bekukhona izinduku ezintsha ezisikwe yileli qembu ngenhloso yokuqinisa esingabala kuzona uNkanyiso Shinga, Ethan Chislett noFlavio Silva ukubala abambalwa.
“Ubunzima esibhekane nabo eNetherlands benze sabumbana ngokuphindiwe, sakuqonda nokuthi sidingana kangakanani. Kithina sonke akekho ongazi ukuthi kufanele sifele enkundleni kusukela kwiToyota Cup kuze kuphele isizini ezoqala.
“Siyazi sizothwala kanzima kweminye imiqhudelwano kodwa sikulungele lokho. Umqondo usukulungele lokhu kuthwala kanzima kodwa okumnandi kakhulu yindlela abangene khaxa ngayo abadlali abebengahambanga neqembu eNetherlands,” kuqhuba uCele ekhuluma ngoPaseka Mako noSibusiso Ndlovu abebengayanga eNetherlands.
UCele obelokhu ekuphinde njalo ukuthi baya kule sizini ezoqala njengamasosha eya empini, wanxusa abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo bazobabona belihlikihla eMoses Mabhida.
“Siyazi ukuthi indlala yebhola isibabulele abalandeli kodwa kulokhu ngibacelela isizini yonke. Ngaphandle kwabalandeli bethu iChiefs ifana nento engekho. Asiqale ngeToyota Cup ukugcwalisa inkundla, bese siqhubeka ngendlela efanayo uma sekuqale isizini entsha,” kusho uCele.