Ezemidlalo Ibhola

UKgatlana uphefumule ngokungalubhadi kwi-Wafcon

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI weBanyana Banyana, uThembi Kgatlan, othi usazoqhubeka nokudlalela leli qembu lesizwe.

Image: BACKPAGEPIX

UTHEMBISE ukuthi uzobuyela eqenjini lesizwe ngemuva kokungadlali kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) umgadli weBanyana Banyana, uThembi Kgatlana.

Lo mdlali (29) oseshayele iqembu lesizwe amagoli angu-32 emidlalweni engu-83, akafakwanga esikwatini esamenyezelwa ngumqeqeshi uDesiree Ellis ngaphambi kwalo mqhudelwano ozosongwa ngempelasonto eMorocco.

Lo mqeqeshi waveza ukuthi uKgatlana, owalimala esigabeni samaqoqo ngesikhathi iBanyana iwina iWafcon ngo-2022, akaqokwanga ngenxa yezizathu eziqondene naye lo mdlali.

Wagcina ukudlalela iqembu lesizwe ngo-Ephreli nonyaka ngesikhathi liqumba phansi iMalawi ngo 3-0 emdlalweni wobungani.

Akabizwanga kweyobungani iBanyana eyidlale neZambia neBotswana ngoJuni ngenxa yokuba matasa neqembu lakhe laseMexico, i-UANL Tigres.

UKgatlana uphwulile ngemuva kokuthi iBanyana ikhishwe kowandulela owamanqamu kwi-Wafcon ngoLwesibili, inqotshwa yiNigeria ngo 2-1.

“Bekunzima kimina ukubuka iBanyana Banyana iphuma kwi-Wafcon ngingekho kodwa ngiyaziqhenya ngendlela iqembu elilwe ngayo nelikwenze kulo mqhudelwano,” uKgatlana ubhale kanje ekhasini lakhe le-Instagram.

"Ukungabi khona kwami kususe izinkulumo kodwa ngifuna ukukucacisa ukuthi ngihlabe ikhefu ebelihleliwe ngenxa yezizathu zami. Ngiyakuthanda ukumela izwe lami futhi ngisazokwenza lokho esikhathini esizayo."

UTHEMBI Kgatlana edlalela iqembu lakhe laseMexico, i-UANL Tugres, ngesizini edlule.

Image: EPA

Iligi yaseMexico, iLiga BBVA MX Femenil, iqale ngoJulayi 11 kodwa uKgatlana ubengakabonakali eqenjini lakhe. Nokho, uthembise ukuthi uzobajoyina kungekudala ozakwabo.

"Ngithanda ukusho kubalandeli beTigres abakhathazekile ngokuthi angikabuyeli eMexico ukuthi ngizobabona bonke maduzane futhi ngizoqhubeka nokuzinikela ngakho konke eqenjini. Asikho isidingo sokukhathazeka futhi akukho lutho olujulile," uphethe kanje.