UMDLALI weBanyana Banyana, uGabriela Salgado, ephethe ibhola emdlalweni owandulela owamanqamu weWafcon neNigeria.
Image: BACKPAGEPIX
INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, iSafa, isalinde imibiko yodokotela mayelana nokulimala komdlali wasesiswini uGabriela Salgado emdlalweni owandulela owamanqamu weWomen’s Africa Cup of Nations bebhekene neNigeria ngoLwesibili ebusuku.
Kulo mdlalo obuseLarbi Zaouli Stadium eCasablanca, eMorocco, iBanyana iguqiswe yiNigeria ngo 2-1.
USalgado, oqale umdlalo esiswini wagcina edlala ngakwesokunxele emuva kulandela ukulimala kukaTiisetso Makhubela esiwombeni sokuqala, yena ulimale ngasekupheleni kwesiwombe sesibili.
Yize kungasheshanga kwacaca ukuthi kwenzekeni kuyena ngesikhathi ekhishwa ngohlaka umlenze wakhe wangakwesokunxele ububhandishiwe kakhulu.
Indlela ozakwabo abakhihle ngayo isililo kanye nendlela abeSuper Falcons abebekhathazeke ngayo ikhombisile ukuthi ukulimala kwakhe kubucayi.
Udokotela weSafa, uThulani Ngwenya, ukuqinisekisile lokhu kodwa waqhuba wathi basalinde eminye imibiko njengoba lo mdlali ephuthunyiswe esibhedlela.
"UGabby ulimale kabi wabe esephuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwesigameko ukuze ahlolwe futhi alashwe. Asinaso imininingwane ephelele ngokulimala kwakhe okwamanje. Sizokudalula lokhu uma sesinolwazi olugcwele,” kusho uDkt Ngwenya ekhuluma nethimba labezindaba leSafa.
ABADLALI beBanyana Banyana nabeSuper Falcons bekhombisa ukukhathazeka ngokulimala kukaGabriela Salgado.
Image: BACKPAGEPIX
La maqembu abebambene ngo 1-1 ngesikhathi uSalgado elimala. INigeria ihambe phambili ngephenathi kaRasheedat Ajibade ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala, iBanyana yalinganisa ngeyayo iphenathi ebekwe enethini nguLinda Motlhalo maphakathi kwesiwombe sesibili.
ISuper Falcons ibe isithola igoli eliyifake kowamanqamu ngonyawo lukaMichelle Alozie esikhathini esengezwe ngunompempe.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uvumile ukuthi ukulimala kukaSalgado kube nomthelela kubadlali bayo abebebonakala bethukile futhi bekhala, kwadingeka ukuthi baduduzwe ngabasebhentshini ngaphambi kokuqhubeka nomdlalo.
ABADLALI beBanyana Banyana bakhihle isililo kulandela ukulimala kukazakwabo, uGabriela Salgado.
Image: BACKPAGEPIX
“Kube nzima kubadlali bethu ngemuva kokulimala kukaGabby. Mhlawumbe yingakho singenelwe yigoli umdlalo usuyophela. Kodwa-ke siyayihalalisela iNigeria ngoba iqhubekile nokudlala futhi siyifisela inhlanhla,” kusho u-Ellis ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo.
“Sizamile ukubaduduza abadlali bethu nokwenza isiqiniseko sokuthi bayakwazi ukugxila emdlalweni kodwa bekunzima impela ngaleso sikhathi.”
IBanyana isizobanga izindondo zethusi neGhana, ehlulwe osokhaya iMorocco ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi, ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Umdlalo wamanqamu phakathi kweNigeria neMorocco uzodlalwa ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.
Related Topics: