UMDLALI weBanyana Banyana uRefiloe Jane ebanga ibhola no-Okoronkwo Ijeoma waseNigeria.
Image: BACKPAGEPIX
ISIZOLWELA ukubuya nendondo yethusi iBanyana Banyana kulandela ukuwashiswa ijezi yiNigeria emdlalweni owandulela owamanqamu we-Women's Africa Cup of Nations eLarbi Zaouli Stadium, eCasablanca, ngoLwesibili ebusuku.
Iqembu lakuleli ebelivikela indebe elayinqoba khona eMorocco ngo-2022, liguqiswe ngamagoli ashaywe nguRasheedat Ajibade noMichelle Alozie ngokwehlukana kweziwombe.
Elokulinganisa leBanyana elingene maphakathi nesiwombe sesibili, lishaywe nguLinda Motlhalo kuyiphenathi.
Umqeqeshi, uDesiree Ellis, wenze izinguquko ezimbili eqenjini elinqobe iSenegal ngo 4-1 sekukhahlelwa amaphenathi ngoMgqibelo.
UBongeka Gamede ungene endaweni kaSibulele Holweni, uGabriela Salgado wavala isikhala sikaHildah Magaia.
ISuper Falcons iyona ecindezele kuqala kulo mdlalo kodwa wasebenza unozinti u-Andile Dlamini elekelelwa yizitobha zakhe.
Kuthe kusadlule imizuzu engu-25, u-Ellis waphoqeka ukuthi enze ushintsho kulandelana ukulimala kukaTiisetso Makhubela, kwangena uMagaia.
INigeria ithole iphenathi sekusele umzuzu kuyiwe ekhefini emva kokuthi ibhola lishaye esandleni sikaBambanani Mbane esebhokisini.
UDlamini ulithintile ibhola elikhahlelwe u-Ajibade kodwa laphelela enethini, kwayiwa emagunjini okushintshela iSuper Falcons ihamba phambili ngo 1-0.
IBanyana ilinganise ngephenathi ebekwe phakathi nguMotlhalo ngomzuzu ka-59 ngemva kokuthi kuwiswe uMagaia ebhokisini.
Iqembu lakuleli liphinde laphoqeka ukuthi lenze olunye ushintsho sekusele imizuzu umdlalo uphele ngenxa kokulimala kukaSalgado, indawo yakhe yathathwa uHolweni.
Ukulimala kwalo mdlali, okubukeka sengathi uphuke umlenze, kushiye abadlali beBanyana bekhihla isililo kodwa umdlalo wabuye waqhubeka.
INigeria ithole igoli eliyifake kowamanqamu ngebhola elishaywe ngu-Alozie ekude ngesikhathi esengezwe ngunompempe, lamudla uDlamini.
IBanyana isizolwela indawo yesithathu ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku. Owamanqamu uzoba ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.
Related Topics: