UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubonge wanconcoza kusihlalo waleli qembu, u-Irvin Khoza, ngohambo lwaseSpain aluchaze njengolube yimphumelelo emangalisayo, ikakhulukazi kuyena njengoba ethole nokusondelana nabadlali kanye nethimba lakhe labaqeqeshi.
IPirates isonge uhambo lwaseSpain ngokushau iGranada yaseSpain ngo 2-0 wamagoli kaPatrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng eMarbella Football Centre.
Emidlalweni emithathu yokuqala ezika-Ouaddou zikhale ngaphansi ngo 2-0 kwiBolton Wanderers yase-England, zabambana nePafos FC yaseCyprus (1-1) ne-UD Las Palmas yaseSpain (0-0).
Ekhuluma nabakwaSuperSportBet ngemuva komdlalo, u-Ouaddou ubonge kuKhoza, waveza nokuthi sebekulungele ukuqala nePolokwane City kowe-quarterfinal yeWafa Wafa ngo-Agasti 2, e-Orlando Stadium, eSoweto.
“Isikhathi esisihlale eSpain sibe wusizo olukhulu kimina ngezindlela eziningi ngakho-ke ngithanda ukubonga kubaphathi beqembu ngokunginika leli thuba.
“Iningi labadlali ngifike ngilazi kwazise ngibhekane nalo ngesizini edlule kodwa futhi kusemqoka ukukhumbula ukuthi kunenqwaba yabadlali abasha kwiPirates," kusho u-Ouaddou.
“Ngaphandle kokusondelana nabo (abadlali) ngithole nethuba lokuxhumana kakhulu nethimba lami labaqeqeshi, sahlanganisa amakhanda engicabanga ukuthi kusibeka endaweni ekahle ukuthi sizini isingaqala. Ngifice abantu abebevele bekhona iqembu liwina ngakho-ke kuhle ukuzwa uvo lwabo ngoba esikufunayo yimpumelelo yePirates kungakhathalekile ukuthi ngubani oqhamuke namaqhinga amaningi kumbe aphusile. Besingeke sikwenze konke kodwa ngineme futhi ngizishaya isifuba ngokuthi sesikulungele ukuqala kwesizini."
U-Ouaddou ufongqe isigqoko kubalandeli ngokuba baqhubeke nokweseka iqembu.
“Sifuna ukudlala ngendlela ezokwenza abalandeli bethu baziqhenye ngeqembu labo. Siyaqonda ukuthi kuzoba nzima kodwa sisilungele lesi sivivinyo. Ngeke kubelula nokho ngaphandle kwabo.
“Kuningi okuhle esikubonile kodwa sekusele ngakithima ukuthi sihlanganise ngendlela ezokwenza iqembu lethu kubenzima ezitheni ukudlala nalo. Bonke abadlali balitholile ithuba okuyinto emnandi ngoba akekho (umdlali) wePirates ongeke adingeke ikakhulukazi njengoba sizogxila nasemidlalweni yase-Afrika,” kusho u-Ouaddou.
U-Ouaddou unengcindezi yokuvikela indebe yeMTN8 enqotshwe nguJose Riveiro, angene esikhaleni sakhe, amahlandla amathathu elandelana. Baningi abadlali abasha abanike ithuba ekhempini bashaya into ecokeme eSpain okubalwa kubona uSipho Mbule, Tshepang Moremi nonozinti uSiyabonga Dladla.