UMQEQESHI weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, unenselelo yokuqhamuka neqhinga lokugudluza iNigeria abazobhekana nayo emdlalweni owandulela owamanqamu kwi-Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) eMorocco.
IBayana idlule ngo 4-1 kwiMali kuma-quarterfinal sekukhahlelwa amaphenathi emuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0 ngoMgqibelo ebusuku. Unozinti, u-Andile Dlamini uvimbe amaphenathi amabili.
Nakuba leli qembu lidlala ngaphandle kwezethenjwa okubalwa kuzona uThembi Kgatlana kodwa likhombisile ukuthi liyakwazi ukumelana nobunzima nengcindezi yokudlala iWafcon. Nokho umgoqo ophambi kweqembu lika-Ellis elivikela indebe yiNigeria esiwine iWafcon amahlandla ayisishiyagalolunye. Ngokomlando, iBanyana ayiliboni elidlalayo kwiNigeria. Emidlalweni engu-11 edlalwe yila maqembu, elakuleli liwine kanye kuphela, adlala ngokulingana kweyisithupha, iNigeria yawina emine.
Umdlalo weBanyana neNigeria uzoba seLarbi Zaouli Stadium ngo-6 ntambama.
Emuva komdlalo neSenegal, u-Ellis uncome abadlali bakhe ngokulwa kuze kube sekugcineni.
"Bengishilo ukuthi umdlalo ngeke ubelula, ngathi uzoba nzima ngenxa yeqoqo abebekulona nangendlela abaqede ngayo. Besingalindele okulula. Emizuzwini yokuqala engu-15 sikhombise ukuba novalo, sizama ukungena emdlalweni. Kodwa sesingenile, sibuqede bonke ubungozi babagadli babo ababili abade. Sibhekane kahle namabhola amade kodwa kwesinye isikhathi besilahla ibhola kalula,"kusho u-Ellis.
Kwi-Wafcon, iBanyana isishaye amagoli ayisikhombisa, yangenelwa ngelilodwa. La magoli ashaywe ngabadlali abahlukene okuyinto okungabuzwa ukuthi izokwenyusa ithemba ku-Ellis.
Emuva komdlalo neSenegal, u-Ellis owayekhona ngesikhathi iBanyana ishaya iNigeria ngo-2017, ukugwemile ukuphawula ngeNigeria.
"'Asicabangi ngeNigeria okwamanje. Sizocabanga ngomdlalo olandelayo kusasa (izolo). Asibhiyozele esikwenzile," kusho yena.
Komunye owandulela owamanqamu, iMorocco izobhekana neGhana ngo-9 ebusuku.