Ezemidlalo Ibhola

Injabulo koweStars benyukela esigabeni esiphezulu kwiTNL

Xolile Mpisane|Published

UNCOME iqembu lonke ngokubambisana okuholele ekutheni bakhuphukele esigabeni esiphezulu kwiTelkom Netball League umqeqeshi weKingdom Stars, uNompumelelo Mthembu.

IStars ikhuphuke kuDivision 1 ngokunqoba iLimpopo Baobabs ngo 60-42 emdlalweni wokuhlunga eDurban ICC ngeSonto ntambama. 

Leli qembu laKwaZulu-Natal liqede isigaba samaqoqo endaweni yesibili kuDivision 2 ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-16. Linqobe imidlalo engu-12, lahlulwa kwemithathu, ladlala ngokulingana kanye.

Libe selibhekana neNorth West Tshukudu kowandulela owamanqamu, layinqoba ngo 53-45.

Kowamanqamu liqumbe phansi iWestern Cape Tornados ngo 43-33, lavikela isicoco seDivision 2.

Ngalokho lizibekisele indawo emdlalweni wokuhlunga lapho linqobe khona iBaobabs.

Leli qembu laseLimpopo beliqede emsileni kuDivision 1 lapho linqobe khona umdlalo owodwa, lahlulwa kwengu-11. Selizodlala kuDivision 2.

UMthembu wayeyiphini lo mqeqeshi ngesizini edlule ngesikhathi iStars inqotshwa yiBaobabs emdlalweni wokuhlunga, iyibuyisela phansi esigabeni sesibili.

"Sijabule ngokuthi sesizobuyela esigabeni esiphezulu. Belukhona uvalo ngoba siyazi ukuthi kunzima kangakanani khona kodwa sizitshelile ukuthi laba badlali libafanele ithuba lokuthi bazizwele bona ukuthi kunjani ukuqophisana namaqembu ahamba phambili kuleli," kusho uMthembu.

"Ngibonga iphini lami uNana Khomo ngoba uyena esibambisene naye ezintweni eziningi. Uyakwazi nokungibonisa uma sengishaya eceleni. Ngiyababonga bonke esibambisene nabo njengemenenja yeqembu nalowo ovocavoca abadlali. Ngabe asikho lapha engaphandle kwabo.

"Abantu engithanda ukubabonga kakhulu yibona abadlali. Singazihlela zonke izinto ngaphandle kodwa ekugcineni yibona okufanele badlale enkundleni. Ngiyabancoma ngokuzimisela nangendlela abebebumbene ngayo. Ngisho kukhona ukungaboni ngaso linye, bebesheshe bakulungise bebodwa.

"Njengamanje sisajabulela ukuthi sikufezile ebesikufisa ekuqaleni kwesizini. Siyazi ukuthi kufanele sithuthuke kuzona zonke izindawo ngesizini ezayo ngoba kuyashisa kakhulu lapho esibheke khona."

Ukaputeni weStars uNozipho Ntshangase, uqokwe njengomdlali wasemuva ovelele wasemuva kuDivision 2, kwathi uThulisile Maduna abambisene naye emuva waqokwa njengomdlali ovelele kunabo bonke kulesi sigaba.

Khonamanjalo, iGolden Fireballs yaseGauteng ibe ngompetha besigaba esiphezulu inqoba iqembu ebelivikela isicoco, iFree State Crinums, ngo 47-40