Ezemidlalo Ibhola

UCardoso ubonge ozakwabo eqokelwa kumaPSL Awards

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, nabambisene nabo ebhentshini uFabio Fernandez noSteve Komphela.

Image: BACKPAGEPIX

UNCOME amagalelo alaba abambisene nabo umqeqeshi wemamelosi Sundowns, uMiguel Cardoso, ongomunye wabaqeqeshi abathathu abazobanga indondo yeBetway Premiership Coach of The Season kumaPSL Awards anonyaka.

NgoLwesibili, iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe uhlu lwabaqokelwe eminxeni ehlukene, lapho kuvele khona ukuthi uCardoso uzoyibanga nobecija i-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kanye nopheka iStellenbosch FC, uSteve Barker, indondo yomqeqeshi ovelele kwiligi yakuleli ngesizini ka-2024/2025.

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal, ufike kumaBrazilians ngoDisemba nyakenye ngemuva kokudedelwa kukaManqoba Mgqithi. Ufice leli qembu selidlale imidlalo eyisikhombisa yeligi.

AmaSandawana adlale imidlalo yeligi engu-21 ngaphansi kwesandla sakhe, anqoba engu-18, adlala ngokulingana kowondwa, ahlulwa kabili.

Kule midlalo leli qembu laseMamelodi lihlohle amagoli angu-49, langenelwa angu-10. Liqoqe amaphuzu angu-55, lagcina livikele isicoco seligi ngamaphuzu angu-73 uma sekuhlanganiswa yonke imidlalo.

“Ukuqokelwa le ndondo ngikuthatha njengokuhlonishwa kwemisebenzi yethimba lonke labaqeqeshi nendlela esisheshe ngayo ukujwayela eNingizimu Afrika. Kuwumvuzo wokuzikhandla kwabadlali nokulandela kwabo imigomo ebesibabekela yona,” kusho uCardoso.

“Ngisho nemiklomelo esiyitholile ezinyangeni ezehlukene maphakathi nesizini bengiyibona ifakazela umsebenzi owenziwe yithina sonke esiyingxenye yeqembu, ukuthi nje imiphumela incikiswa kakhulu kulowo osuke eyinhloko yabaqeqeshi.”

UCardoso uthe kuningi okuhle okwenzekile ngesizini yakhe namaSandawana okuholele ekutheni leli qembu liphinde libe ngompetha beligi yakuleli okwesishiyagalombili kulandelana.

“Ziningi izinto engingazibala. Ngicabanga ukuthi uhambo saluqala kahle ngokunqoba imidlalo enzima ekuhambeni sibhekene neStellenbosch kanye naMaZulu. Ngiyakhumbula futhi ukuthi ngoJanuwari sinqobe imidlalo emqoka, sashaya nenqwaba yamagoli,” usho kanje.

“Sikwazile nokunqoba imidlalo eyisithupha ilandelana ekupheleni kwesizini, sadlala nebhola elihle. Kuningi esikwenzile okulethe injabulo kubalandeli okuzohlala isikhathi eside emqondweni wami.”

Ngaphandle kokuba sethubeni lokuklonyeliswa kumaPSL Awards, uCardoso usanda kuhlonishwa yinhlangano eyengamele ibhola ePortugal ngomsebenzi omuhle awenze ezwenikazi i-Afrika ngesikhathi esakwi-Esperance kanye nakwiSundowns.

Uphinde wahlonishwa yinhlangano yabaqeqeshi basePortugal, iPortugal's National Association of Football Coaches, ngomklomelo iJose Maria Pedroto Award, oqanjwe ngowayengumqeqeshi wePorto namanye amaqembu asePortugal.