UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou nabadlali bakhe, uTapelo Xoki (omaphakathi) noSihle Nduli.
Image: ORLANDO PIRATES
UFUNA kuqale isizini bonke abadlali bebukhali njengoba bezodlala emiqhudelwaneni eminingi enzima umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou.
Ezimnyama zizovula isizini ka-2025/26 ngokuvikela i-MTN 8 lapho zizotholana phezulu khona nePolokwane City emdlalweni wama-quarterfinal ozoba se-Orlando Stadium ngo-Agasti 2.
Ngaphandle kwalowo mqhudelwano, zizophinde sizame ukuketula iMamelodi Sundowns esicongweni kwiBetway Premiership, zidlale eminye imiqhudelwano yasekhaya yomkhumulajezi iCarling Knockout Cup neNedbank Cup neCaf Champions League.
U-Ouaddou onikezwe izintambo ngenyanga edlule, kulandela ukushiya kukaJose Riveiro sekuzophela isizini ka-2024/25, uhambe nenqwaba yabadlali ngesikhathi leli qembu lilibangise eSpain, lapho lisaqhubeka khona namalungiselelo esizini entsha.
EzikaMagebhula seziqinise isikwati ngokusayinisa abadlali abasha abangu-10, okubalwa kubona u-Oswin Appollis, Sipho Mbule, Sinoxolo Kwayiba, Sihle Nduli, nabanye.
Zisadedele uPaseka Mako noThabiso Monyane, abathathwe yiKaizer Chiefs, noNdabayithethwa Ndlondlo, ongakatholi qembu.
Ziphinde zabolekisa ngoMonnapule Saleng kwi-Orbit College FC, kanti uMohau Nkota udayiselwe iqembu laseSaudi Arabia, i-Al Ettifaq.
Nakuba kusabhekwe ukuthi leli qembu lisengabadayisa abanye abadlali kodwa kulindeleke ukuthi lengeze nabanye lingakavalwa iwindi lokuhwebelana.
U-Ouaddou uthe uzama ngokusemandleni ukuhlola bonke abadlali njengoba beseSpain ngoba uyakuqonda ukuthi bonke bazodlala indima enkulu kule sizini.
“Le sizini ibaluleke kakhulu kwi-Orlando Pirates. Ngihlezi ngithi uma ufuna ukunqoba umdlalo ungawunqoba ngabadlali abangu-11 kodwa uma ufuna ukunqoba izicoco udinga iqembu elikhulu,” kusho u-Ouaddou.
“Yilokho esigxile kukhona kusukela ekuqaleni. Wonke umuntu ubambe iqhaza futhi bonke kumele bakulungele ukudlala ngoba uma sikunikeza ithuba kumele ulisebenzise. Iyona nqubo esifuna ukuyilandela kule sizini, sifuna abadlali bethu bazi ukuthi bonke babalulekile eqenjini lethu.”
EzikaMagebhula sezidlale imidlalo emithathu yokungcweka selokhu ziqale amalungiselelo esizini entsha eSpain.
Zinqotshwe yiBolton Wanderers yase-England ngo 2-0 kowokuvula, zabambana ngo 1-1 nePafos FC yaseCyprus, zaphinde zadlala ngokulingana ngo 0-0 neLas Palmas yakhona eSpain.
Ephawula ngomdlalo wakamuva neLas Palmas obungoLwesine, u-Ouaddou uthe le midlalo iyabanika izivivinyo abazidingayo ngaphambi kwale sizini emqoka.
"Sidlale neqembu elinobuhlakani, iqembu elidlala ngendlela ejwayelekile yaseSpain, elikwazi ukugcina kahle ibhola, sangawulahla umdlalo yize sidlale singaphelele esiwombeni sesibili. Lolu hlobo lwemidlalo luzosisiza, ikakhulukazi kwiChampions League, lapho kufanele siqine khona uma sidlala ekuhambeni, bese siqinisekisa ukuthi siyayinqoba imidlalo yethu yasekhaya,” usho kanje lo mqeqeshi.
Emdlalweni wayo neLas Palmas, iPirates ishodiswe ukukhishwa kukanozinti uSipho Chaine ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-60 ngenxa yokuvimba ibhola ngezandla engaphandle kwebhokisi.
Ezimnyama zisazobhekana nelinye iqembu laseSpain, iGranada, emdlalweni olandelayo wobungani namuhla ngo-7 ebusuku.
Related Topics: