ISITOBHA uBambanani Mbane, okubhekwe ukuthi sihole udonga lwasemuva lweBanyana Banyana emdlalweni weWafcon neSenegal kusihlwa.
Image: BACKPAGEPIX
KUZOVIVINYWA ukuqina kodonga lwasemuva lweBanyana Banyana njengoba izodudulana neSenegal kuma-quarterfinal eWomen’s Champions League kusihlwa.
Lo mdlalo ozocacisa ukuthi iqembu likaDesiree Ellis liyaqhubeka yini nokuvikela indebe elayinqoba ngo-2022, uzoqala ngo-9pm eHonner Stadium, edolobhei i-Oujda, eMorocco.
Nakuba iqembu lakuleli lisangenelwe yigoli yigoli elilodwa kulo mqhudelwano, elangena ngesikhathi libambana ngo 1-1 neTanzania kowesibili wamaqoqo, namuhla lizobhekana nohlobo oluhlukile lwabadlali keiTeranga Lionesses.
Izitobha zaBenyana, uBambanani Mbane, Tiisetso Makhubela, Fikile Magama noKarabo Dhlamini zibambisane kahle ngesikhathi leli qembu liguqisa iGhana ngo 2-0 neMali ngo 4-0, kanjalo nonozinti u-Andile Dlamini.
Nokho, kuzomele ziqine kakhulu kusihlwa njengoba zizobhekana nabagadli beSenegal, uNguenar Ndiaye noMama Diop, bobabili abasukile egadeni, abanesivinini namandla futhi abangalibheki ipali.
UNdiaye usehlohle amagoli amane kulo mqhudelwano, amabili awashaya bebhudluza iDemocratic Republic of Congo ngo 4-0, namanye amabili awashaye benqotshwa yiZambia ngo 3-2. UDiop unamabili awathola kowokuvula neDRC.
Okuzoqinisa abeBenyana idolo wukuthi iMorocco yakwazi ukubavimba laba badlali ngesikhathi inqoba iSenegal ngo 1-0 kowamaqoqo.
Ngaphandle kwabo bobabili, iSenegal inenqwaba yabanye abadlali abade, abangase babe yinkinga kwiBanyana, ikakhulukazi uma kuthunyelwa amakhona nama-freekick ebhokisini.
Igoli elisangene kwiBanyana laqhamuka ngekhanda ngemuva kokuthi ihlulekile ukukhipha ibhola elide eliqhamuke kwi-freekick.
Okunye okuzonika iqembu lakuleli ithemba ukuthi ngesikhathi bedlala imidlalo yobungani neSenegal ekuhambeni ngonyaka odlule, babambana ngo 1-1 kowokuqala, bayinqoba ngo 2-0 kowesibili.
“Izinga lamaqembu adlala lo qhudelwano alehlukile kakhulu, lokhu kufakazelwa ukuthi imidlalo eminingi ayinqotshwa ngembudlu yamagoli. Ubuhlakani bomdlali othile noma iphutha elenziwe ngothile lingenza umehluko omkhulu emdlalweni,” usho kanje umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis.
“Kufanele sizimisele kakhulu uma sesibhekene neSenegal ngoba ikhombisile emidlalweni yayo yamaqoqo ukuthi iqine kangakanani. Nathi silikhombisile izinga lethu emdlalweni wakamuva neMali kodwa kufanele siphinde silikhuphule.”
Iqembu elizonqoba phakathi kweBanyana neSenegal lizobhekana nelizodlula phakathi kweNigeria neZambia kowandulela owamanqamu.
Related Topics: