UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
Image: X / ORLANDO PIRATES
UGCULISEKILE ngendlela iqembu lakhe eliziqoqe ngayo lakwazi ukudlala ngokulingana ngo 0-0 neLas Palmas emdlalweni wokungcweka obuseMarbella Sports Centre, eSpain, umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
Bekungumdlalo wesithathu weZimnyama selokhu ziqale amalungiselelo esizini entsha phesheya.
Zinqotshwe yiBolton Wanderers yase-England ngo 2-0 kowokuvula, zabambana ngo 1-1 nePafos FC yaseCyprus kowesibili njengoba seziphinde zabambana naleli qembu laseSpain.
“Ngicabanga ukuthi abadlali bakhombise ubuqhawe. Besishoda ngomdlali kodwa abadlali bethu bazilandelile izinhlelo esibanike zona, baphinde balwa ndawonye njengeqembu, okusisizile ukuthi sithole lo mphumela,” kusho u-Ouaddou.
“Njengomqeqeshi ngeke nganeliseke ngokugcwele ngoba sihlezi sifuna ukunqoba kodwa kufanele sibongele abadlali siqhubeke nokwakha ukuze sibe ngcono ngokuzayo.
“Singenelwe amagoli emidlalweni yethu emibili yokuqala esiyidlale lapha, ngakho-ke kuhle ukuthi kulo mdlalo sikwazile ukuvala emuva.”
EzikaMagebhula ziqede umdlalo zingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukanozinti uSipho Chaine, ovimbe ibhola ngezandla engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-60.
U-Ouaddou uthe leli phutha libanikeze ithuba lokuthi bazame izinto ezehlukene sebedlala bengasaphelele.
Lo mqeqeshi kuphoqeleke ukuthi akhiphe umdlali wasesiswini, uSimphiwe Selepe ukuze afake omunye unozinti, uMelusi Buthelezi.
“Obekusemqoka kakhulu ukuthi sihlale sihlelekile kodwa nathi besifuna ukuhlasela uma siphethe ibhola. Besisebenzisa i-4-4-1 uma simaka, bese sisebenzisa i-4-2-3 uma sihlasela," uqhube kanje u-Ouaddou.
"ILas Palmas izamile ukwengeza abadlali maphakathi kodwa samelana nalokho. Abadlali ngihlezi ngibatshela ukuthi ezikhathini ezinzima uma ungakwazi ukunqoba umdlalo kufanele uqinisekise ukuthi awuhlulwa.
“Siwatholile amathuba. Anginaso isiqiniseko ngegoli lika-Evidence Makgopa eliphikiwe ngenxa ye-offside. Sibe nawo amanye amathuba okushaya amagoli kodwa kusamele silungise indlela esikhahlelela ngayo ipali phambili.”
IPirates isazobhekana nelinye iqembu laseSpain, iGranada, emdlalweni wayo olandelayo wobungani ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku.
Related Topics: