ISITOBHA seKaizer Chiefs, uThabiso Monyane, sibanga ibhola nomdlali weFC Twente kowokugcina wobungani eNetherlands.
Image: X / FC TWENTE
OWAYENGUNOZINTI weBafana Bafana ne-Ajax Cape Town, uHans Vonk, ukholelwa ekutheni iKaizer Chiefs izohlomula kakhulu ngemidlalo yokungcweka eyidlale eNetherlands ngesikhathi ilungiselela isizini ezoqala.
UVonk, ozinze eNetherlands, ubehambele umdlalo weChiefs wesine wobungani ne-PEC Zwolle ngoLwesibili, lapho Amakhosi enqobe khona ngo 1-0 ngegoli likaNaledi Hlongwane.
Ngaphambi kwalokho ibiguqiswe yiVitesse ngo 2-1, i-Utrecht ngo 4-0 neNEC Nijmegen ngo 1-0.
"Ngiyacabanga ukuthi abadlali bebedinga ukuzijwayeza izinkundla emidlalweni yabo yokuqala yobungani e-Holland. Izinkundla zalapha zithambile uma ziqhathaniswa nalezo abazijwayele eNingizimu Afrika,” uVonk ucashunwe kanje kwi-website yeKaizer Chiefs.
"Ibhola ebelidlalwa belishesha, ikakhulukazi uma kubhekene amaqembu e-Eredivisie asezingeni eliphezulu. Abadlali bekufanele bakujwayele nalokho.
"Ngikuthandile ukuhleleka kweqembu, ikakhulukazi umdlali obegqoke ijezi elingunombolo-12 (Nkosingiphile Ngcobo), unombolo-74, odlala emuva kwesokunxele (Nkanyiso Shinga) nonombolo-5 (Sibongiseni Mthethwa).
"Bengingagxilile ekutheni iqembu lithola yiphi imiphumela ngoba kusalungiselelwa isizini entsha. Kudingeke ukuthi abadlali bajwayele izimo ezahlukene zaseHolland kanye nezimbangi eziqinile abebedlala nazo."
IChiefs iphinde yadlala omunye umdlalo ngoLwesithathu ebusuku, lapho iguqiswe khona yiFC Twente ngo 2-1.
UVonk ukholwa wukuthi kuningi Amakhosi akufundile eNetherlands okuzowasiza uma esebuyela ekhaya.
"Njengonozinti ngangikuzonda ukudedela amagoli nokuhlulwa, ngisho sisaziqeqeshela ukuqala kwesizini kodwa okumqoka yizinto ezintsha abazifundile, ukudlala imidlalo enzima nokuhlanganisa iqembu. Yilokho umqeqeshi akubhekile ngesikhathi sokulungiselela isizini," uqhube kanje uVonk owadlalela inqwaba yamaqembu eNetherlands okubalwa kuwona iHeerenveen ne-Ajax.
"Ngiyethemba ukuthi iChiefs izokwazi ukuphindela ezingeni elifanele. Ngalokho ngiqonde ukuncintisana nokulwela izindebe."
Amakhosi azobhekana nezinkunzi zaseGhana, i-Asante Kotoko, emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26 ngaphambi kokuqala iBetway Premiership ngenyanga ezayo.
Related Topics: