UKAPUTENI weBlitzbokke uSiviwe Soyizwapi ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni ubudlelwano obusha beSA Rugby nabakwFreddy Hirsch
Image: SITHUNYELWE
BUSAZOQHUBEKA eminye iminyaka emine ubudlelwano obuphakathi kweSouth African Rugby neFreddy Hirsch Group (FHG) okuyinkampani yezinongo zokudla kodwa egxile kakhulu enyameni eyosiwe.
Ngasekuqaleni kwesonto, i-SA Rugby imemezele ukuthi ubudlelwano bayo neFHG buzoqhubeka eminye iminyaka emine kanti sebuzokapakela nakuwona wonke amaqembu esizwe ombhoxo.
Ngokusho kwabeFHG, lobu budlelwano obaqala ngo-2023 buvuselelwa nje, yingoba lezi izinongo zenyama seziphenduke ezinye zezimqoka eMzansi ikakhulukazi uma amaqembu esizwe ombhoxo enemidlalo eyahlukene.
Kuvele ukuthi okuyisona esiyintabdokazi yaseMzansi yi-Oom Freddy.
Isivumelwano esisha sale nkampani neSA Rugby siqinisekisa ukuthi abakwaFHG sebezoseka ngezindlela ezahlukene amaBhokobhoko esilisa nawesifazane, iBlitzbokke, AmaBhokobhoko kwi-Sevens kwabesilisa nakwabesifazane kuze kufike ezikwatini ezincane zaleli qembu lesizwe njenge-U/20, nakhona kwabesilisa nakwabesifazane.
URian Oberholzer oyisikhulu esiphezulu kwiSA Rugby uzwakalise injabulo enkulu ngokuvuselelwa kwalobu budlelwano.
“Akekho ongazi ukuthi i–Braai ixhumene kangakanani nabantu baseNingizimu Afrika namaBhokobhoko ngezinsuku zemidlalo.
“Ubufakazi balokhu sibuthola kubona abadlali uqobo abasixoxela ngendlela abazifela ngayo ngezinongo zakwaFHG ikakhulukazi i-Oom Freddy.
“Abadlali nemindeni yabo bathi bazisebenzisa cishe nsukuzonke lezi zinongo zenyama. Sibheke ukukhula kule minyaka emine ezayo ngalobu budlelwano obusiza ngezindlela eziningi,” kusho u-Oberholzer.
Nezinye izikhulu zakwaFHG nezakwaSA Rugby zivumelene ngokuthi lobu budlelwano bufana nesinongo esimnandi uma abantu baseNingizimu Afrika behlanganiswe yi-Braai bebuka amaqembu abo esizwe ombhoxo egila izimanga ezinkundleni ezahlukene zomhlaba.