Ezemidlalo Ibhola

UMaMkhize ushweleze kubalandeli beSiwelele

Xolile Mpisane|Published

Umengameli omusha weMbabane Highlanders AM FC, uShauwn Mkhize.

Image: BACKPAGEPIX

UCELE uxolo kubalandeli beBloemfontein Celtic ngokuhlakaza leli qembu elinomlando ebholeni lakuleli obengumengameli weRoyal Am, uShauwn “MaMkhize” Mkhize.

Ngo-2021 uMaMkhize wathenga leli qembu elalizinze eBloemfontein, walishintsha igama laba yiRoyal Am, walithutha waliyisa KwaZulu-Natal.

I-AM igcine ixoshiwe kwiPremier Soccer League maphakathi nesizini ka-2024/25 ngenxa yokuhluleka ukudlala imidlalo yayo, ukuhlinzeka ngemininingwane okungeyiyo esicelweni sayo sobulungu, kanye nokudluliswa kwamasheya okungagunyaziwe.

NgoMgqibelo uMaMkhize umenyezelwe njengomengameli omusha weqembu laseSwatini, iMbabane Highlanders.

Leli qembu selizokwaziwa ngeMbabane Highlanders AM, kanti ibheji layo ebelinemibala emnyama nemhlophe selimnyama bese ligqiza ngemibala eyigolide.

UMaMkhize uthe ufisa sengathi ngabe wenza ngendlela ecishe ifane ngesikhathi ethatha izintambo kwiSiwelele ukuze avikele umlando waleli qembu elasungulwa ngo-1969.

“Ngicabanga ukuthi iBloemfontein Celtic yashayeka ngenxa yesimo esinzima. Ngiyaxolisa kakhulu kubalandeli bayo ngokushintsha igama, ngangingenza kangcono. Ngangingenza njengoba ngenzile manje, ngizitshele ukuthi njengoba ngithole iqembu elasungulwa ngo-1952, ngeke ngilishintshe,” kusho uMaMkhize engxoxweni yakhe neSports Amplified kuMetro FM.

“Uma ubheka iMbabane Highlanders, ihleleke ngendlela efanayo neBloemfontein Celtic. Iqembu linamakomiti, linomlando futhi linenqwaba yabalandeli. Ngibone kungafanele ukuthi ngibaphule izinhliziyo.

“Ngifake nje okuthile okuzomela mina nendodana yami kodwa okusazovumela abantu abathanda iMbabane Highlanders ukuthi baqhubeke bayibone njengeqembu abalaziyo.”

UMaMkhize uqhube wathi akaboni ukuthi indodana yakhe, u-Andile, isazoqhubeka nokudlala kwiHighlanders njengoba ebenza kwiThwihli Thwahla, lapho ebegqoka khona ijezi eliwunombolo-10.

“U-Andile usefuna ukungena kakhulu ekuphathweni kweqembu manje. Nangesikhathi iRoyal AM isakhona ubeseqala ukugxila ezindabeni zokuphathwa kweqembu. Ngicabanga ukuthi into ayeyifuna wukudlala esigabeni esiphezulu, nokuyinto aseyizwile. Okwamanje ngibona sengathi uncamela ukuba yingxenye yabaphathi beqembu,” kusho uMaMkhize.

Ngesizini edlule iHighlanders iqede endaweni yesishiyagalombili kwiligi yaseSwatini eyaziwa ngeSwazi MTN Premier League.