Ezemidlalo Ibhola

UMaart ubonge uMotaung ngethuba lokuhola iChiefs

Zakhele Xaba|Published

UBONGE usihlalo weKaizer Chiefs esevalelisa obengukaputeni waleli qembu, uYusuf Maart, osayine kwiSV Ried yase-Austria.

Emuva kwamasonto kunamahlebezi okuthi uMaart (29) uzosayina kuleli qembu, Amakhosi agcine ekuqinisekisile lokhu ngoLwesibili. Lo mdlali ubesanda kuyivuselela ngeminyaka emibili inkontileka yakhe neChiefs ephele ngenyanga edlule. Uhole leli qembu laqeda isomiso sezindebe seminyaka ngokuqukula iNedbank Cup, eshaya igoli eliqede nge-Orlando Pirates kowamanqamu eThekwini. Kuvela ukuthi uthengwe ngo-R15 million. 

"Umdlali wasesiswini, uYusuf Maart, usewashiyile Amakhosi, wajoyina iqembu elisanda kunyuselwa phezulu elikwi-Austrian Football Bundesliga, iSV Ried. Iqembu liyawubonga umsebenzi kaMaart kwiKaizer Chiefs futhi limfisela okuhle esahlukweni esisha ebholeni,"kusho iChiefs esitatimendeni.

Encwadini yakhe yokuvalelisa, uMaart ubonge abantu abahlukene okukhona kubona nosihlalo weChiefs, uKaizer Motaung. Udlale iminyaka emithathu kwiChiefs ayijoyina ngo-2022 esuka kwiSekhukhune United.

"Ngithanda ukubonga usihlalo weKaizer Chiefs nabaphathi bonke ngokungethemba ngebhande likakaputeni. Ukuhola elinye lamaqembu amakhulu naphezulu ezwenikazi yinto eyohlala iyigugu kimina ngiziqhenya ngayo,"kusho uMaart obengahamba neqembu njengoba lisekhempini eNetherlands.

"Kubona bonke abaqeqeshi abangicijile kulona lonke uhambo lwami, ngiyabonga kakhulu. Ulwazi nobuhlakani enikudlulisele kimina kungisizile ekutheni ngikhule ngezindlela eziningi ezingaphezu kwebhola uqobo,"

Abanye ababongile ngusihlalo weSekhukhune, uSimon Malatjie, adlalela iqembu lakhe ngemuva kokuchithwa yiPirates adlala kuyona kwiDStv Diski Challenge. 

Nakuba ekade engukaputeni waMakhosi kodwa uMaart ubengomunye wabadlali abebenuka umzondo kubalandeli.