UMDLALI omusha weKaizer Chiefs, uNkanyiso Shinga, udonswe ngendlebe ngengozi yokugijimela ubukhazikhazi njengoba esezolandelwa wudumo oluhambisana nokudlalela elinye lamaqembu amakhulu eMzansi.
UShinga (25) oyibamba emuva kwesokunxele, umenyezelwe njengomdlali omusha waMakhosi kanye no-Ethen Chislett obedlala e-England nomgadli wasePortugal, uFlavio Silva, obedlala e-Indonesia. Laba badlali bathwele amathemba omqeqeshi, uNasreddine Nabi, onengcindezi yokwenza okungcono ngesizini ezayo kulandela ukuqeda kweqembu lakhe ngaphandle kwe-top 88..
UShinga owakhulela enkulisa yaseThekwini, iKZN Academy afika kuyona eneminyaka engu-15, uzobe eqala ukudlala kwiBetway Premiership kwazise wafulathela iNingizimu Afrika esemncane, wayodlala ePortugal eminyakeni edlule. Ujoyine iChiefs esesuka kwiFC Alverca edlala ku-Leagu 3 wasePortugal. Kuvele ukuthi iChiefs imthenge ngesizumbulu sika-R4.2 million. Ngokujoyina iChiefs, leli nxele elidlalele neqembu lesizwe lika-Under 17, lilandele uThabo Cele owaba ngumdlali wokuqala weKZN Academy owawelela phesheya kwezilwandle.
UGugu Marawa, ongumphathi weKZN Academy, uthe akangabazi ukuthi uShinga uzoqhakaza eNaturena.
"Ngiyamjabulela kakhulu. Angimangali ukuthi ubuyile futhi angikuboni lokhu njengokubuyela emuva. Izinga lePSL liphezulu futhi inamathuba amaningi. Abadlali bafuna ukudlalela iqembu lesizwe futhi babona benethuba elingcono lokuzuza lokho uma bedlala ekhaya. Ngibona kuyisinqumo esihle," kusho uMarawa.
Eminyakeni edlule, baningi abadlali abasayine kwiChiefs kubhekwe lukhulu kubona kodwa bagcine behlulekile wukufinyelela ezingeni ebelibhekiwe. Ngaphezu kwalokho, abanye bayahluleka ukumelana nengcindezi yokuthi kumele bawine cishe yonke imidlalo okuyinto efunwa ngabalandeli.
"Ngikhulumile naye ngoMsombuluko, ngamtshela ukuthi akagxilise umqondo wakhe emsebenzini ophambi kwakhe nokufanele akwenzele iqembu. Ngaphezu kwalokho, kumele akwazi ukumelana nokuthi abalandeli bazomthanda uma enza kahle kodwa futhi bazomjikela uma engadlali kahle. Kufanele aqine ngokomqondo, akulungele lokho. Abadlali abaningi bayalazi ibhola kodwa abaqinile ngokomqondo. Emuva kwemidlalo embalwa kuyaphela ngabo. Ngakho kumele afunde ukwamukela noma yini," kusho uMarawa.
"Okunye kumele akhohlwe yindaba yobukhazikhazi, abheke ekhaya kuqala. Kufanele enze izinto ngokohlelo lwakhe, angaphiki nokuthi abadlali abathize benzani. Makangathathwa yimpilo azoyifica laphaya. Abadlali bayakhohlwa wukuthi baneminyaka ephakathi kuka-10 no-15 bedlala ibhola. Uma sebeliyekile ibhola bengasenalutho, abantu sebelokhu bebuza ukuthi lowo mdlali iChiefs imenzelani. Uma naye ezothathwa wudumo, ngeke aphumelele."
Namuhla, iChiefs izondizela eNetherlands lapho iyozicijela khona ukuqala kwesizini ka-2025/2026. Izodlala imidlalo yobungani namaqembu ahlukene okuyiSBV Vitesse (Julayi 8), FC Utrecht (Julayi 11), NEC Nijmegen (Julayi 12), PEC Zwolle (Julayi 15) neFC Twente (Julayi 16).
Related Topics: