Ezemidlalo Ibhola

UMaMkhize uthembise lukhulu ethatha iqembu laseSwatini

Zakhele Xaba|Published

UZIMISELE ngokuqopha umlando Eswatini uShauwn "MaMkhize" Mkhize omenyezelwe njengomengameli omusha weMbabane Highlanders FC ngoMgqibelo.

UMaMkhize ubengumphathi weRoyal AM exoshwe yiPremier Soccer League (PSL) ingakapheli isizini ka-2024/2025, kulandela ukwehluleka kwayo ukudlala imidlalo. Inkinga isuke ngesikhathi elandelwa ngumqoqintela, iSouth African Revenue Services (Sars), wagcina edlelwe izinto zakhe. Iqembu lifakwe ngaphansi komlawuli okugcine ngokuthi lidayiswe esidlangaleni kodwa lagcina lingathengwanga. Ngempelasonto, kusabalale ukuthi uMaMkhize nendodana yakhe ebidlala kwi-AM, u-Andile Mpisane, sebethole iqembu Eswatini. Ngokubika kweSunday World, laba abalithengile iqembu kodwa basayine inkontileka yokuliphatha iminyaka emithathu. IHighlanders, eteketiswa ngokuthi Ezimnyama Ngenkani, isizokwaziwa ngeMbabane Highlanders AM FC. Inezicoco seligi eziningi ukuwadlula wonke amaqembu Eswatini phezu kokuba yagcina ukusiwina ngo-2001.

Enkulumweni yokumethula, uMaMkhize uthe ufuna ukubuyisa ukuzigqaja kubalandeli beHighlanders engelinye lamaqembu amakhulu ebholeni laseSwatini. 

"Sizoletha ushintsho. Ngiyakuqonda ukuthi ushintsho luza nezinkinga ngoba akubona bonke abantu abangena khaxa kulona kalula kulona. Kodwa ngithi ngicela sibambisane noma lolu shintsho luza kube wukuthi noma kukhona abangafuni, siqhubeke sibambisane ngoba sonke siyakuqonda ukuthi ushintsho lunzima. Enginganethembisa khona njengoba ngime phambi kwenu namuhla wukuthi ngizohola ngokwethembeka. Leli yiqembu elinesiko, bengingafuni ukufika ngithi ngizofaka elami isiko. Kodwa ngithi womabili amasiko awahlangane, iNingizimu Afrika neSwaziland, sibone ukuthi ngeke siqhamuke yini nento enamandla. Yigxathu elikhulu. Ngiyazithanda izinto ezinenselelo futhi ngiyazithanda izinto ezisuke sekulahlwe ithemba ngazo," kwi-video esekhasini leHighlanders.

"IMbabane Swallows iwuphawu lokuziqhenya, amandla nesiko. Usuku lwanamuhla lusho isahluko esisha, hhayi ukuthatha (iqembu) kodwa ukubambisana. Ukuhlangana kwemilando phakathi kweSwatini neNingizimu Afrika, eyakhelwe ezifisweni ezifanayo nokuseqophelweni eliphezulu. Kwabangesekayo, ngiyabonga ngokungethemba. Kubalandeli, niwumongo waleli qembu. Sindawonye sizolenyusa izinga, sikhulise ithalente lethu, silethele iqembu impumelelo elifanele. Asizele lapha ukuzodlala nje, sizokwenyusa izinga. Ngiyabonga ngokungamukela emndenini wenu. Mbabane Highlanders AM FC isikhathi sethu simanje, asiqophe umlando!"

Kwi-ligi yaseSwatini, iPremier League of Eswatini (PLE), uMaMkhize uzohlangana nabanye baseNingizimu Afrika abasemaqenjini ahlukene okukhona kubona umqeqeshi uMandla Qhogi nomgadli uSikhumbuzo Mazibuko abakwiNsingizini Hotspurs.